OWESILISA usabuzwa namanje ubuhlungu bokubulawelwa udadewabo okwenzeka ngoJulayi 2018, eneminyaka engu-18, mhlazane bengenelwa kubo yizigebengu zibaphanga KwaSithebe, eSundumbili.
Lokhu kuvele esitatimendeni esifundelwe iNkantolo yesiFunda yaseShowe ephethe ngokuthi igwebe uSiphiwe Kweyama (28) udilikajele ngecala lokubulala neminyaka nengu-15 ngokuphanga kusetshenziswa udlame.
Inkantolo ithole uKweyama njengomuntu ongasakufanele ukuphatha isibhamu impilo yakhe yonke.
UKweyama nayekade egebenga nabo, omunye wabo owathelwa othulini ngenhlamvu amaphoyisa egoloza ukuboshwa, bagqekeza kubo kwabagilwa.
Ngokusho kophiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal kwashona intombazane eyayineminyaka engu-18.
Okhulumela i-NPA, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe ngobusuku bangoJulayi 13, izelamani zazikubo ngesikhathi zithelekelwa uKweyama nayekade ehamba nabo.
Kuthiwa baphanga iselula yowesilisa bemkhombe ngesibhamu.
“Bamqhuba umgilwa bamyisa endlini kanina ekhona egcekeni. Bazenza amaphoyisa bangena ngaphakathi, bavulela isibhaxu kubantu ababesendlini bebafuna imali,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Kuvela ukuthi kwakumnyama endlini ababekuyona abahlaseli sebewucimile ugesi abagilwa bekhihla esikaNandi.
Kuvela ukuthi uKweyama wayemi phandle, elokhe eyalela ozakwabo ababesendlini ukuthi abenze isiqiniseko sokuthi abagilwa abawubangi umsindo owawuzovusa omakhelwane.
I-NPA ithe ngalesi sikhathi, umufi walizwa izwi likaKweyama wase eyasho ukuthi uyalazi futhi kabawona amaphoyisa.
“Ngaphambi kokwenzeka kwesigameko, uKweyama wake wazama ukushela umufi. Omunye wababekade behamba noKweyama wabe esedubula umufi amahlandla amathathu maqede badla phansi,” kuchaza i-NPA.
UKweyama waboshwa emuva kwesonto neselula kamufi. Kuvela ukuthi enye yamadoda ayekade ehamba nawo kwenzeka isigameko yashona idubulalana namaphoyisa ayezama ukuyibopha.
Emaphepheni asenkantolo umgilwa, uthe yashintsha unomphela impilo yakhe kusukela kwenzeka isehlo.
“Mina nomndeni wami sizizwa singasaphephile ekhaya. Isabuya le nto emqondweni wami ngibe namaphupho amabi. Umama wayekhungatheke kakhulu ngokushona kukadadewethu, wagcina edlulile emhlabeni,” kusho umgilwa.
I-NPA ikwamukele ukushushiswa ngempumelelo kukaKweyama, yathi isigwebo iyathemba sizosiza ukunqanda abanye abebekade besahlela ukugila imigilingwane.