UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi inhlangano ekhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK isemathubeni okunqoba iKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo.
Ucwaningo lweSocial Research Foundation luveza ukuthi iMK ingazidlela amahlanga kulesifundazwe esibhekwe ngabomvu uma ukhetho lwangenyanga ezayo lungabanjwa manje.
Umbiko uthole ukuthi iMK angeke ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela iKwaZulu-Natal. Ngokocwaningo, iMK izothola u-26% wamavoti.
IMK ibilokhu ikhombisa ukudlondlobala KwaZulu-Natal selokhu uZuma aqala ukuyikhankasela, ibiyenza kahle ezinkethweni zokuchibiyela ezingenelile.
Ucwaningo luveze ukuthi iDA izolala isibili KwaZulu-Natal, ngamavoti angu-20%.
I-ANC ne-IFP balandela ngemumva ngamavoti angaphnasi kuka-20%.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe okutholwe wucwaningo, kucishe kuhambisane nesasasa elibonakala ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal.
UKhumalo uthe nakuba evumelana nokuthi iMK izokwenza kahle KwaZulu-Natal, ubona i-IFP kuyiyo ezowashaya emakhanda amaqembu agaqele lesi sifundazwe.
I-IFP yiyona enqobe iningi lezinketho zokuchibiyela ezibe khona KwaZulu-Natal emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.
“IMK ngibona izolandela emva kwe-IFP. Bobabili I-IFP neMK yiwona maqembu engiwabona ezohlabana ngempela KwaZulu-Natal,” kuso uKhumalo.
Uthe okulekelela kakhulu umkhankaso weMK KwaZulu-Natal wugazi lukaZuma.
Udalule ukuthi uZuma ngesikhathi eqokwa ukuba abe ngumengameli we-ANC, isibalo sabantu abajoyina i-ANC KwaZulu-Natal sanyuka cishe ngo-50%.
Uthi i-ANC yajoyinwa ngisho abantu ababengayithandi ngesikhathi isaphethwe uMandela (uDkt Nelson), umuntu owayethandwa kangaka.
Labantu bangabalandeli bakaZuma bokuqina. Njengoba uZuma esehamba neMK, kusho ukuthi uzoxebula cishe u-50% wamalungu e-ANC KwaZulu-Natal.
UKhumalo uthe ubona iKwaZulu-Natal izophathwa ngokubambisana i-IFP neDA emva kokhetho.
Lamaqembu aphethe ngokubambisana omasipala baKwaZulu-Natal, futhi womabili ayingxenye yamaqembu anesivumelwano sokusebenzisana emva kokhetho.
“Lamaqembu avele ayasebenzisana, ngakho kuzokuba lula okwawo. Ngakolunye uhlangothi i-ANC ne-EFF sebezamile, behluleka ukusebenzisana,” kuqhuba uKhumalo.
Ucwaningo luveze ukuthi iMK izokuba yiqembu lesithathu ngobukhulu kuzwelonke.
Lolu cwaningo lwenziwe ezifundazweni ezintathu, iKwaZulu-Natal, Gauteng, naseWestern Cape.
AbeSocial Research Foundation baxoxe nabantu abangaphezu kuka-1 200 kulezifundazwe ezintathu.
Ucwaningo luveze ukuthi i-ANC izokwehla kuzwelonke ithole u-37%, iDA izothola u-25%, iMK ithole u-14%.
I-EFF izothola u-11%, i-IFP izothola u-5%, i-ActionSA ithole u-2%.
Luqhubeka luveze ukuthi iDA isazoqhubeka nokuzidlela amahlanga eWestern Cape, lwayibeka ku-58%, ilandelwa i-ANC okuthiwa izothola ngaphansi kuka-20%.
AbeSocial Research Foundation bathe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi kuzokuba nohulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal naseGauteng.
“Kungase kudingeke ukuthi kubambisane amaqembu angaphezu kwamathathu ukubusa kulezifundazwe.
“Maningi amathuba okuthi amaqembu azobusa ngokubambisana kulezifundazwe kube yiwo futhi nakuzwelonke,” kusho umbiko.