UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uphikile eyokuthi kwaba nokushuba kwesimo kuphikiswana ngesabelomali esibuyekeziwe esizothulwa nguNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana ngenyanga ezayo.
UGodongwana kulindeleke ukuthi athule lesi sabelomali ngoMashi 12, emuva kokuhlehliswa kwaso ngenxa yombango wokuthi kwakunezinhlelo zokuthi kunyuswe i-VAT ngo-2%.
“Lumile usuku lwangoMashi 12, lokuthulwa kwesabelomali, aluhlehli. Ziyaqhubeka izingxoxo mayelana nesabelomali ngoba ngoMsombuluko kuzoba nomunye umhlangano oyisipesheli weKhabhinethi, ngaso isabelomali,” kuchaza uNksz Ntshavheni.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesine eKapa, ngokuphume emhlanganweni wakamuva weKhabhinethi.
Kube nemibiko kwabezindaba yokuthi kushube isimo kwaba nokuphikisana emhlanganweni weKhabhinethi ngesabelomali esibuyekeziwe.
UNksz Ntshavheni uthe isabelomali sahlehliswa ukuze kutholakale ikhambi lokuthi izoqhamukaphi imali yokuxhasa izinhlelo zikahulumeni.
“Kuyinzwabethi nje ukuthi kwashuba isimo emhlanganweni weKhabhinethi ngesabelomali ngoba kwiKhabhinethi asinawo amaqembu ezepolitiki. Akekho umuntu omele iqembu lakhe kwiKhabhinethi kahulumeni wokubambisana.”
Unxuse othishanhloko ukuthi basebenzisane nomnyango wezeMpilo kulandela ukuqubuka kwesifo uTwahlane (isifo samatele kodwa esingafani naleso esihlasela izilwane).
Lesi sifo siqale ukuqubuka ezikoleni zaKwaZulu-Natal, kanti sesisabalale nase-Eastern Cape.
“Siyayamukela imizamo yomnyango yokuzama ukunqanda ukusabalala kwalesi sifo esizishaya samkhuhlane, esiba amaqhuqhuva akhala amanzi siphinde sivuvukalise izandla. Asibulali njengalesi esiphatha izilwane. Othishanhloko ababikele umnyango ngokushesha uma kunomfundi onezimpawu zalesi sifo.”
Imibiko iveza ukuthi bangu-373 abafundi abahaqekile e-KZN kuthi e-EC bangu-13.
Khonamanjalo odabeni lokushintshwa kwamakhadi abahola isibonelelo kwaSassa, uNksz Ntshavheni uthe babalelwa ku-716 900 asebeshintshele emakhadini amnyama amasha asePostbank.
Uthe kunyuswe nesibalo sezikhungo zokushintsha amakhadi wathi kunyuswe nesibalo sabasebenzi baba bahlanu besuka kwababili.
“Abafuna ukushintsha amakhadi bangaya ezitolo kwaBoxer, Checkers, Shoprite, Pick n Pay, nase-Usave. Kudingeka umazisi kanti Postbank isisebenzisana noSpar, ukuthi usize ngokushintshwa kwamakhadi ezitolo ezingu-200.
“IKhabhinethi ifuna ukukhumbuza abantu ukuthi amakhadi ayigolide akwaSassa, azoma ukusebenza ngoMashi 20, 2025. Abangawashintshile uma kushaya umnqamulajuqu kuzodingeka ukuthi baye emagatsheni aseposini ukuze bathole imali yabo.”