ASALE enkundleni amaphoyisa amabili adutshulwe ngesikhathi evimbezela owesilisa osolwa ngokuduna imoto.
Lesi sehlo senzeke ngasenxanxatheleni yezitolo iDiamond Pavallion, eKimberly. Isigameko sishiye abaningi bekhala ngonya lwezigebengu.
UConstable Okaetse Mandindi (35), noSergeant Kedimetse Masilo (45) abebengaphansi kophiko lweFlying Squad, badutshulwe ngoLwesibili ekuseni belandela umkhondo wemoto eduniwe.
Kimberly Cop killer and car thief had nowhere to hide pic.twitter.com/dE7Zy2Mber
— Vehicle Trackers (@VehicleTrackerz) August 23, 2023
Kuthiwa amaphoyisa ajahe umsolwa wangena edepho yeTransnet Engineering, eseduze nenxanxathela yezitolo. Umsolwa ungene kule ndawo ngemoto wafike wabhajwa, nokuyilapho kube nokuhilizana namaphoyisa, wawadubula.
Kuthiwa umsolwa usuke kule ndawo wabaleka wangena enxanxatheleni yezitolo, ngeshwa lakhe, amanye amaphoyisa afikile kwavalwa zonke izitolo, wabanjwa.
Lo msolwa oneminyaka engu-38 uzovela ngoLwesine eNkantolo yeMantshi eKimberley, ngamacala okubulala.
UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uncome umsebenzi wamaphoyisa abambe umsolwa udaba lusekuvuthondaba.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, uhambele imindeni yamaphoyisa ashonile wazwakalisa ukuphoxeka ngolwazi alutholile ngomsolwa.
“Useboshwe amahlandla ayisishiyagalombili ngamacala ahlukene awenza ezifundazweni ezahlukene kodwa uthola ukuthi amacala akhe ayahoxiswa, uma egwetshwa uzwa kuthiwa isigwebo sakhe silengisiwe.”
UCele uthe uyathemba ukuthi kulokhu izinkantolo nezobulungiswa zizomgquma ejele isikhathi eside ukuze awakhokhele amacala akhe ngoba kulokhu ubulale amalungu amabili ombutho.