UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, uziphendulele kuMnuz Julius Malema, umholi we-EFF omsole ngokuba mdibi munye nezigebengu.
Ethula izibalo zobugengu obenzeke phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye, uCele unxuse abanobufakazi bokuthi usebenza nezigebengu ukuba babuveze obala.
UCele ubephendula inkulumo kaMalema ayenze ngoLwesibili ePhalamende, lapho esole uCele ngokuba yisigebengu futhi wanxusa umengameli wezwe ukuba amxoshe esikhundleni ngoba wenzela phansi abantu baseNingizimu Afrika. UCele uthe uzophendula kahle sekukhona abanento ephathekayo hhayi amahemuhemu.
Uqhube wathi ngeke agxile kokushiwo ngaye, wathi ugogo wakhe wamyala ukuba angavumi ukulwa nengulube odakeni ngoba isuke izomngcolisa. Ebuzwa ukuthi uthini ngesiphakamiso sokuba axoshwe, unxuse ukuba kubuzwe umengameli wathi yena akanayo impendulo. Ethula izibalo ngoLwesihlanu, uCele udalule ukuthi amacala okubulala nawocansi anyukile kakhulu kule kota eyedlule.
Uthe isibalo sabantu ababulewe sinyuke ngo-696 kwathi amacala ocansi abalelwa ku-15 000. UMajor-General Norman Sekhukhune uthe bebebheka amacala enzeke phakathi komhla ka-1 Okthoba 2022 noDisemba 2022. Uthe isibalo sabantu ababulewe sibe ngu-7 555, kwathi amacala amayelana nocansi anyuka ngo-1 367.
Zibe u305 izidumbu eziphume ngenxa yodlame lwasendlini. Zibe u12 419 izibalo zabantu abadlwenguliwe kuleli. Nakuba kunjalo amacala okudunwa kwezimoto ehle ngo-5.0%. Zibe wu-57 izigameko zokudunwa kwezimoto nyakenye phakathi kuka-Okthoba noDisemba 2022, uma kuqhathaniswa ngenkathi efanayo ngo-2021.