BONGIWE ZUMA
WADELA impilo ephambili ayeyiphila phesheya kwezilwandle owesifazane waseKlaarwater wazinikela ngokunakekela abantu abadala ngaphandle kokuzuza okuthile.
UNkk Thoko Sokhela (69) uma uhlangana naye ehamba ecela iminikelo ezitolo, emasontweni nakubantu ungazitshela ukuthi uxakekile kanti lutho usiza imindeni eminingi ukuze ilale idlile.
Uthi into yokuqala ayicabangayo uma ephaphama ebuthongweni yizaguga zakhe njengoba kuhlasele nokunukubezwa ngokocansi kwezalukazi eziningi.
“Bathwele kanzima abantu abadala kanti okubi wukuthi abakwazi nokuzivikela noma ukuzilwela uma behlangabezana nezimo ezinzima empilweni. Mina ngiyabavakashela ngibaduduze ngihlale nabo ngibaluleke ngokomqondo. Noma ngingakwazi ukubenzela konke abakudingayo kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi bakhululekile emoyeni ikakhulu labo abahlala ngabodwana,” kusho uNkk Sokhela.
Uqhube ngokuthi iningi lezalukazi azigadile emphakathini azinabantu zihlala zodwa nokwenza zibe sengozini yokuhlanga-bezana nanoma yisiphi isimo esingesihle.
Uthe lokhu kumphatha kabi ngoba kwenza ezinye izalukazi zihlale zibalisa zinomzwangedwa zicabanga nangezinswelaboya.
UNkk Sokhela uthe uyafisa ngelinye ilanga ukutholela ogogo indawo ephephile yokuhlanganyela emini bakwazi nokwenza imidlalo eyahlukene kanjalo nemisebenzi yezandla.
Usizo aluthola ezitolo akusilo olwemali ngoba izitolo zokudla zikhipha okuya ngasethunjini bese kuthi ezokugqoka zona zimsize ngezimpahla nokuyinto engenzeki njalo.
Uphethe ngokuthi ukusebenza nogogo nomkhulu sekwenze nabanye abantu bawabona amagalelo akhe emphakathini njengoba esekwazi nokuxhumana nanezinhlangano zokuthuthukisa umphakathi kucotshelelwane nangolwazi olungasiza ukunakekela abadala.
Uthe kuyiphupho lakhe afisa ukulifeza ukuba nesikhungo sabadala ngelinye ilanga wathi uphinde adayise nemikhiqizo yaphesheya kwezilwandle ukuze athole inzuzo ebhekelela izidingo zabantu abadala.