AMAPHOYISA asekhiphe zonke izinsiza zawo ethungatha “ubhongoza“ wabavukuzi abangekho emthethweni, oweqe esitokisini ngemuva kokubanjwa emgodini eStilfontein, eNorth West, ngesonto eledlule.
UJames Neo Tshoaeli, odume ngelikaTiger kuthiwa usizwe ngamaphoyisa ukweqa.
“Kuvela ukuthi akazange afakwe eziteshini lapho abanye abavukuzi abangekho emthethweni abagcinwe kuzo. UTiger akafakwanga futhi esibhedlela ukuze ayothola usizo,” ngokusho kwesitatimende sokhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe.
Lo bhongoza odabuka eLesotho, usolwa ngokuba ngomunye wabalawuli bakho konke obekwenzeka emgodini.
“Usolwa ngabanye abavukuzi abangekho emthethweni ngokuba nesandla ekufeni, ekushayweni nasekuzwiseni ubuhlungu obekwenzeka, ngokwama-video amaphoyisa anawo. Usolwa futhi nangokugcina ukudla engabaniki abanye abavukuzi abangekho emthethweni.”
Uchazwe njengomuntu oyingozi.
UKhomishana wamaPhoyisa obambile eNorth West, uMajor General Patrick Asaneng, uzwakalise ukuphoxeka wathi kuyihlazo emkhankasweni iVala Umgodi oqale ngoDisemba 2023.
Ufunge ngokuthi bonke abanesandla ekweqeni kukaTiger, bazobhekana nengalo yomthetho futhi kuzomele uTiger atholakale.
Umphakathi unxuswe ukuthi uthinte amaphoyisa uma unolwazi lokuthi uTiger ukuziphi izinkalo.