UBE nezinyanga ezingu-11 esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu kodwa isishingishane esinguMfu Thulasizwe Buthelezi, sizwakele kwabasithandayo nabangasithandi.
UMfu Buthelezi waqokwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoJanuwari 2024, emkhosini wokukhunjulwa kwabasala empini yaseSandlwana, okuwumgubho owenziwa minyaka yonke KwaZulu-Natal.
Waqokwa yiMbube phezu kokuba kwakunabantwana baseNdlunkulu ababeshaya amakhala ngalesi simemezelo.
Wangena esikhundleni soMntwana uMangosuthu Buthelezi, okhothame ngoSepthemba 2023, kanti kwase kuphele iminyaka ecela ngaphezu kuka-50 uMntwana esiphethe lesi sikhundla.
Ekuqaleni kwalo nyaka, ubuholi be-ANC balibeka ngembaba elokuthi abuhambisani nokuqokwa kukaButhelezi. Bakusho lokho emva kwesigameko lapho uSihlalo we-ANC kulesi sifundazwe, uMnuz Sboniso Duma, aphuca khona uButhelezi umbhobho ngesikhathi ekhuluma esikhumbuzweni seSilo uDinuzulu, sokuphela kweminyaka engu-110.
UButhelezi ubengumholi obenganqikazi uma ethatha izinqumo.
Ekuqaleni kwale nyanga uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, wanqanda uShenge eseyovula kabusha amahhovisi okuBusa ngokuBambisana nezoMdabu oLundi. Lesi yisinyathelo esasithathwa njengesinochuku, ikakhulu njengoba isihlalo sikahulumeni sagudluzwa yi-ANC oNdini, eminyakeni edlule.
Wayefuna ukusondeza uhlaka lwezobuholi bomdabu olungaphansi komnyango wakhe oNdini, lapho uhlaka beluzoba seduzane nezigodlo eziningi zeNgonyama.
UShenge ubebikwa nasemsindweni wobudlelwano obufadalele phakathi kweSilo neNgonyama Trust Board. Usanda kudlulisa ukungaphatheki kahle ngokuqokwa kukasomabhizinisi waseMpumalanga, uMnuz Jacob Mnisi nambize ngokuthi udume ngelikaGogo uRejoice Tembe.
UButhelezi wathi uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemaKhaya ufuna ukuphuca amakhosi amandla.
Kuke kwavela imibiko ebithi iNkatha ne-ANC baphume umkhankaso wokuketula uButhelezi. Nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ubengomunye wabantu abebengamfuni uButhelezi.
Ngo-Agasti kuthinyuliwe ngokubunjwa kwethimba elizobhekana nezindaba zobuholi bomdabu kulesi sifundazwe, okubalwa kulo noMntwana uMbonisi obesekhaleni lokuchithwa kweSilo uMisuzulu.
Zikhona nezinye izinto kulezi zinyanga ezingu-11 esesikhundleni azenzile, njengokuvula isikhwama esizosiza amakhosi. Ubengamile ukuhambela amakhosi asezindaweni ezehlukene.
Phezu kokuba ezwakalise ukuthi uthole umyalezo wokuthi uyamiswa ngeo-WhatsApp, kodwa uthi usenobudlelwano obuhle neMbube.
Uveze ukuthi iSilo singajuba siphinde sichithe noma ngubani esikhundleni, akubongayo ukunikwa ithuba futhi usazoqhubeka akhonze iMbube noma engesakho esikhundleni.