USEQHAMUKE neqhinga elisha lokuxhumana nabazalwane bebandla lakhe elisePolokwane, umphrofethi owabaleka kuleli efunwa ngamaphoyisa uSherpard Bushiri.
Kuthuke abaningi kuvela izindaba zokuthi uzobe ehlanganyele nabazalwane baleli gatsha ngoFebhruwari 16, abanye baze basola ukuthi unendlela yokuphuma nongena kuleli enganakiwe.