UKHALA ngokungasukunyelwa kwenkinga yokudlebekela kwezigebengu usomabhizinisi waseMgungundlovu, obhekene nenkinga yokugqekezelwa izikhawu eziningi, kucekelwe phansi impahla nengqalasizinda yokusebenza ebhizinisini lakhe.
UMnuz Bongani Zuma wase-Unit 2, eMbali, uthi ibhizinisi lakhe liqashisa ngezindawo zokusebenzela kwabenza amabhizinisi ehlukene okubalwa ukucwala ikhanda, awabathungayo nabadayisa ukudla nemikhiqizo eyahlukene.
Nokho ukuthula akakutholi ngenxa yokwanda kwezigameko zokucekelwa phansi kwempahla yamakhasimende akhe, okuba nomthelela omubi njengoba kuwaxosha, abone kungaphephile ezigebengwini.
“Lezi zigameko ziqale ukwenzeka ngabo-2022, lapho ebesifika khona ekuseni kugqekeziwe futhi kucekelwe phansi impahla yamakhasimende ami. Sekwaba yinsakavukela njengoba kungapheli isikhathi esingakanani, kuphinde kwenzeke.
“Kwala ngisho ngibika kaningi emaphoyiseni, akukho mehluko futhi akukho muntu oboshwayo. Inkinga yami wukuthi anginawo amandla okuqasha abaqaphi ebhizinisini, yingakho kubiyiwe kodwa izigebengu ziyangena, zimoshe konke,” kulanda uZuma.
Uthe le ndawo ayivula ngo-2013, inezakhiwo eziwu-9 eziwusizo kakhulu emphakathini ngoba zenza kube lula kosomabhizinisi asabafufusa abaqashe kuyena ukusebenzela futhi iwukuphela kwendlela aziphilisa ngayo nezingane zakhe eziyisithupha.
Uthe kuyamkhathaza kakhulu konke lokhu, ikakhulu ngoba ubona kungekho okwenziwa wumthetho ukunqanda inkinga abhekene nayo, wathi kugcine ukugqekezwa ngoMeyi nonyaka ebhizinisini.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uqinisesike ukuthi amaphoyisa ayazi ngezinye zezigameko ezibikwa wuZuma.
“Amacala obugebengu obuhleliwe bokweba impahla nokukhomba ngesibhamu abikwa esiteshini samaphoyisa ePlessislaer ukuthi kuphenywe ngezigameko ezenzeka ngoMashi 27 wango-2022 nangoFebhuwari 17 wango-2024, nokho akukaze kuboshwe muntu ngazo,” kusho uNetshiunda.