EZOMHLABA: Kubikwa ukuthi ubesekhathele ukucefezelwa ngokuganwa owesilisa obulale umakhelwane wakhe obehlezi ebuza ukuthi uganwa nini njengoba esena-45 kodwa lutho umalokazana.
Ngokwemibiko yabezindaba e-Indonasia, lesi sehlo senzeke ngomhla ka-29 Julayi nonyaka eeTapanili eNorth Sumatra lapho umsolwa uParlindungan Siregar, 45, ehlasele umakhelwane wakhe u-Asgim Irianto, 60, emqqema ngepulangwe ekhanda.
Ukhomishana wamaphoyisa uMaria Marpaung uthi umgilwa waphuma wabaleka ngemuva kokuhlaselwa uSiregar kodwa wawa, umsolwa waqhubeka nokumshaya kwaze kwangenelela abanye omakhelwane balamula.
“Umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze nokuyilapho ashonela khona. Umsolwa ulivumile icala ngesikhathi eboshwa ngemuva kwesigameko,” kusho uMarpaung.