NJENGOBA kuvulwa izikole, uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, ehlole amabhasi angu-150 kanye namatekisi athutha izingane zesikole eMgungundlovu, ngoLwesibili.
Ngesikhathi kuhlolwa lezi zimoto, kuvele ukuthi amabhasi angu-47 asusiwe emgwaqeni ngoba awakulungele ukuba athuthe izingane zesikole.
Esitatimendeni esikhishwe yiloMnyango sithe: “Noma sigculisekile ngokuba sesimeni esihle sezimoto esizihlolile, kodwa sinxenxe uphiko lwe-Road Traffic Inspectorate (RTI) kanye nezomthetho esifundazweni ukuthi babe mehlomane behlole izimoto ababonayo ukuthi zingase zingabi sesimweni,” kusho isitatimende.
Ukuhlolwa kwezimoto ezithutha izingane zesikole kuzokwenziwa yithimba lezomthetho eliseqopheleni eliphezulu lakwaRTI elizobe linkanise eziteshini ezingu-26 ezingomahambanendlwana.