IZOBA nobuholi obusha i-ANC kuzona zonke izifunda zaKwaZulu-Natal, okubalwa kuzo nezifunda ezinkulu iTheku neMoses Mabhida.
I-ANC isizoholwa amathimba esikhashana kuzona zonke izifunda eziyisishiyagalolunye zaKwaZulu-Natal.
Lezi zindaba zivezwe okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanele Sibisi.
Lokhu ukuphelelwa izikhundla kwabaholi abaqavile okubalwa kubo owayeyimeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede, obengusihlalo esifundeni iTheku neMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, obengusihlalo we-ANC esifundeni iMoses Mabhida.
USibisi uthe sebeluqedile uhlelo lokuqoka amathimba esikhashana azohola i-ANC ezifundeni.
Amathimba aqokwe emva kokuba ubuholi be-ANC kuzona zonke izifunda, buphelelwe isikhathi obusibekelwe ukuba bubambe izingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Ubuholi be-ANC ezifundeni kufanele bukhethwe njalo emuva kweminyaka emithathu.
Iningi lobuholi obebuphethe izifunda KwaZulu-Natal, bakhethwa ngasekupheleni kuka-2021, obunye bakhethwa ngasekuqaleni kuka-2022.
Ubuholi bokugcina ukuphelelwa isikhathi ubuholi besifunda iHarry Gwala, lapho bekuphethe khona, uMnuz Zamo Nxumalo, ophinde abe yimeya ephethe kulesi sifunda.
Isikhathi sobuholi bakulesi sifunda buphele ngenyanga eyedlule.
USibisi uthe maduze bazokuba nemihlangano lapho bezokwethula ngokusemthethweni ubuholi bezifunda.
USibisi uthe ubuholi obusha bunikezwe umsebenzi wokuba bakhe kabusha izinhlaka zenhlangano.
"Ubuholi obusha bunikezwe umsebenzi wokuba bulungise ubudlelwano be-ANC nemiphakathi kanye nezinhlaka ezikhona emiphakathini. Ubuholi obusha buzoqapha ukusebenza kwabaholi abajutshwe komasipala buphinde benze isiqiniseko sokuthi omasipala bayazihambisa izidingo kubantu. Ibona obuzolungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026."
Khonamanjalo: I-ANC KwaZulu-Natal ibambe umhlangano wokuzinuka amakhwapha obuhanjelwe amadlelandawonye, iSACP, Sanco neCosatu.
Kulo mhlangano obuseThekwini kubhungwe ngezinselelo ezikhungethe omasipala.
Umdidiyeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Jeff Radebe, uthe bathathe izinqumo ezinqala kulo mhlangano.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvala lo mhlangano wezinsuku ezimbili.
"Umyalezo ucacile. Kufanele senze izinto ngendlela eyehlukile. Kufanele silungise isimo komasipala. Lokhu akufanele sigcine ngokukusho ngomlomo kodwa kufanele sikweze. Siphelile isikhathi sokukhuluma kodwa kufanele silungise."
URadebe uthe ukungenzi kahle komasipala kwenza ukuthi abantu bangayivoteli i-ANC.
"Ziningi izikhalazo ezikhona. Abantu bakhala ngokunganakekelwa kwengqalasizinda kanye nokungaphathwa kahle kwemali. Lokhu kwenza ukuthi abantu bengayethembi i-ANC."