U-ADVOCATE Thulani Mngomezulu ngoMsombuluko, unikwe amasonto amathathu ukuba abuyekeze ubufakazi obungamakhasi angu-9 000 ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Leli cala liqulwa eNkantolo eNkulu yasePitoli ehleli ePamridge lapho kulalelwe khona ubufakazi ngokudutshulwa kubulawe isihlabani sebhola kubo kaKelly Khumalo eVosloorus.
Ijaji, uRatha Mokgoatlheng unqume ukuthi icala alibuyele enkantolo ngo-Ephreli 15, sekwedlule nekhefu lezinkantolo lamasonto amabili okuthiwe lizoqala ngoLwesine.
Udaba lokuthi uMngomezulu, ongummeli kammangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi udinga isikhathi sokubuyekeza lobu bufakazi luvezwe uMshushisi woMbuso u-Adv George Baloyi.
“Uzakwethu udinga isikhathi sokuthi abuyekeze ubufakazi obethuliwe ngaphambi kokuthi kuqale ukulalelwa kobufakazi obuthinta ukugonyuluka kwabanye babamangalelwa,” kuveza uBaloyi.
UBaloyi uqhube wakhumbuza inkantolo ukuthi uMngomezulu uqale umsebenzi wokumela abasolwa ngasekupheleni konyaka odlule lapho ebese kulalelwe khona lobu bufakazi uSibiya noNtanzi abazininda kubo ngecala lokubulala uMeyiwa.
“Kusamele ngibubuyekeze bese ngibuqhathanisa nobukaMangena (Lt-Col Chris) nobabanye ongoti ababili bokuhlolwa kwezibhamu. Uma singabuya ngo-Ephreli 15, ngizobe sengikulungele ukuthi siqhubeke,” kusho uMngomezulu.
UMangena naye ungungoti wokuhlola izibhamu kanti ngesikhathi efakaza nyakenye, waveza ukuthi isibhamu esatholwa kummangalelwa wesithathu kuleli cala uMthobisi Mncube, yiso okwadutshulwa ngaso uMeyiwa.
Ubufakazi bukaMangena bamiswa ngesikhathi abameli becela ukuletha owabo ungoti (ozimele).
Ngaphambi kwalokho, uMngomezulu uphose imibuzo kufakazi uSuperintendent Chupye Christopher Matlou, ebiqhakambisa iphuzu lokuthi ngeke ame ngesihloko, athi uSibiya wayehlala eGauteng ngonyaka okwabulawa ngawo uMeyiwa.
UMatlou ungungoti we-Electronic National Administration Traffic Information System kanti ungumphenyi we-Road Traffic Management Corporation (RTMC).
UMatlou ngoLwesihlanu wayekade ethule ubufakazi bokuthi uSibiya wayehlala eGauteng phakathi kuka-2013 no-2015.
Lokhu uMatlou uveze ukuthi ukusho ngoba uSibiya wabhala iLearner’s License yakhe ezikhungweni ezimbili eGauteng.
UMngomezulu ephikisa lokhu uthe uSibiya wayeye agibele esuka kubo eMahlabathini KwaZulu-Natal aye eGauteng uma eyokwenza lokhu.
UMatlou uphikise ngelithi ngokomthetho, uma umuntu ebhala iLearner’s noma ilayisense, kufanele ayibhalele esikhungweni esakhele indawo ahlala kuyo ngokugcwele.
Nokho uMngomezulu washaya phansi ngonyawo wathi ukufaka kukaSibiya ikheli lalapho okwakuhlala khona umalume wakhe, kwakungachazi ukuthi wayehlala kulo ngokugcwele, yena wayelokhu egibela uma eyobhala.