UKHULUME ngokubaluleka kokuqokwa kwakhe njengoNdunankulu wesifazane wokuqala waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ethula inkulumo yakhe ngesimo sesifundazwe, i-State of the Province Address (Sopa), abaningi ababona sengathi bekungeyokugcina.
Uthe ukuqokwa kwakhe njengondunankulu wesifazane wokuqala kusho ukuthi noma iliphi iphupho lingafezeka.
UNkk Dube-Ncube wethule inkulumo ngesimo sesifundazwe, izolo, eMgungundlovu.
Lena bekuyinkulumo yakhe yokugcina ngaphambi kokhetho oluzayo.
Abaningi babona uNkk Dube-Ncube engeke abuyele kulesi sikhundla emva kokhetho noma ngabe i-ANC iyalunqoba.
UNkk Dube-Ncube waqokelwa kulesi sikhundla ngo-Agasti 10, 2022. Uthe ukuqokwa kwakhe kusho lukhulu.
“Ukuqokwa kwami kwakhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC izimisele ukuthi kube nokulingana ngokwezobulili, kwakhombisa ukuthi noma ngabe uyingane ebihamba ngezinyawo iya esikoleni KwaMaphumulo, amaphupho akho angafezeka.
“Ngesikhathi ngithatha isifungo, ngangazi kahle ukuthi ngiyithemba labo bonke abesifazane abadala nabancane, baKwaMashu kuya eMkhanyakude. Ngesikhathi ngithatha isifungo ngangazi kahle ukuthi ngihlalelwe umsebenzi wokufezekisa amaphupho ezigidi zabantu ezilangazelele iKwaZulu-Natal, enokuthula nenqubekela phambili.”
UNkk Dube-Ncube uchithe isikhathi esiningi ekhuluma ngebanga elihanjwe wuhulumeni kusukela ngo-1994.
Uthe abantu baKwaZulu-Natal baqale ukubona ushintsho ngesikhathi kungena i-ANC ngo-2004.
Ngaphambi kwalokhu, isifundazwe sasiphethwe yi-IFP.
“Izithelo zenkululeko KwaZulu-Natal ziqale ukubonakala emva kweminyaka eyishumi kuphethe uhulumeni wentando yeningi. Ukulethwa kwezidingo kuqale ukubonakala ngo-2004. Kulapho kwaze kwaqhamuka isiqubulo esithi ”intuthuko asiyibuzi, siyibona ngamehlo!”
UNkk Dube-Ncube uthe bewuhulumeni ophumayo babhekane nezingqinamba okubalwa kuzo ukubheduka kobhubhane iCorona, izikhukhula, nezibhelu zokuzitapela.
“Izingqinamba esibhekane nazo zisiqinisile kakhulu. Kunezikhathi lapho khona ebesizitshela khona ukuthi isifundazwe sizoguqa ngamadolo kodwa sikwazile ukubhekana nezingqinamba, sazinqoba.”
Umemezele ukuthi uhulumeni uyaqhubeka ngezinhlelo zokwakha isiShayamthetho esisha, eMgungundlovu.
UNkk Dube-Ncube uthe isakhiwo sesiShayamthetho esizokuba namahhovisi eminyango kahulumeni sizothatha iminyaka ukuba siphothulwe.
Usho kanjena nje, kunamaqembu afuna isiShayamthetho sibuyele oNdini uma kuphuma i-ANC emandleni.
Uchithe isikhathi esiningi eqhosha ngemisebenzi eyenziwe uhulumeni we-ANC.
Uthe bakwazile ukufaka ugesi, amanzi, benza ngcono ezemfundo nezomnotho.
Inkulumo yakhe ibibuye iphazamiseke, abamaqembu aphikisayo bexokozela.