UVELE wayibonga ibheyili owokufika eNingizimu Afrika othweswe uxhaxha lwamacala okukhona nelokuthumba ophila nokukhubazeka amqole uR50 000.
UMnuz Benjamin Banda oneminyaka ongu-29, ugqigqa eNkantolo yesiFunda yasePinetown.
Ubhekene necala lokuphanga, elokuthumba, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokungabi namaphepha aqondile amgunyaza ukuba seNingizimu Afrika.
Kuvele ukuthi uBanda ubelokhu ethi ungowaseMozambique okuthe uma sekubhekisiswa amaphepha akhe, anesithombe esinanyathiselwe ngesandla, kwavela ukuthi ungowaseMalawi.
Kwakubekelwe ukuthi kube izolo ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikaBanda kodwa kwangenzeka.
Lokhu kudalwe ukuthi walethwa isigubhukane kule nkantolo ngoLwesithathu olwedlule, emuva kokuthi kade evele okokuqala ngoMsombuluko.
Yilapho okuthiwa wafike wayibonga khona ibheyili sekwengezwe amanye amacala kwathweswe wona. Icala libe selihlehliselwa u-Okthoba 4 nonyaka ukuze kuqhutshwe uphenyo.
Kuvele ukuthi uMbuso ungase wengeze amanye amacala agcine esengu-15 kwazise bathathu abantu ababesendlini ngesikhathi bethelekelwa abasolwa.
Kuthiwa amaphoyisa kumanje athungatha abanye abasolwa abane okuthiwa babekade benoBanda begila le migilingwane.
Uzithola esobishini nje uBanda kungenxa yesigameko esenzeke emasontweni amabili edlule emzini oseWyebank, ePinetown.
Kusolaka ukuthi bagqekeza umuzi bathumba owesifazane ophila nokukhubazeka bamphoqa ukuba athumele uR50 000 nge-app bemkhombe ngesibhamu.
Kuthiwa phambilini umgilwa wake wabandakanyeka engozini yemoto eyamshiya ekhubazekile ehamba ngesihlalo esinamasondo.
Kuvela nokuthi wabe esethola imali yesinxephezelo evela kwiRoad Accident Fund (RAF), isamba sayo esingaziwa.