UBESONGELWA ngokuthi uzobulawa uthishanhloko obulewe nenkosikazi yakhe emzini wabo KwaDunusa, eSt. Faiths, ngaseHighflats, ngoLwesihlanu.
Lokhu kuvezwe yilungu lomndeni elicele ukuba igama lalo lingadalulwa ngoba lisabela ukuphepha kwalo.
UMnuz Gugulethu Sijadu (55) obenguthishanhloko eMaria Trost Primary, eSt. Faiths, nonkosikazi wakhe, uNkk Thembelihle Sijadu (45) bashonele endaweni yesehlo.
Ilungu lomndeni lithe kusukela ngo-2020, uSijadu ubebatshela ukuthi impilo yakhe izulelwa ngamanqe.
“Ubesho ukuthi kukhona abantu abamfuna efile ngenxa yokuphumelela kwakhe. Ubeye asho ukuthi abantu bamsola ngokuthwala nokuyinto angazi ukuthi ivelaphi ngoba yena uyasebenza futhi izinga lempilo aliphilayo, lihambelana nemali ayiholayo, nobude beminyaka aseyisebenzile kuhulumeni.
“Ubengakaze achaze ukuthi laba bantu athi bamfuna efile abakuphi nendawo kodwa ubehlale ekugcizelela ukuthi uzizwa engaphephile,” kusho ilungu lomndeni.
Lithi ngawo u-2020, uSijadu waze wabahlalisa phansi bewumndeni, wabatshela ukuthi isimo sibi ngendlela yokuthi uyasaba ukuthi mhla esocongwa, nabo ngeke basinde.
“Ngiyasola ukuthi umama, yena ubulawelwe ukuthi naye uficiwe endlini ngesikhathi ababulali begasela. Kusobala ukuthi nathi ukube besikhona endlini abebekuyo, besizobulawa kanye nabo, kuvalwe ngehlahla ekhaya.”
Ngokwaleli lungu lomndeni, ngesikhathi kuhlaselwa, bona bebekwenye indlu, bebuka ifilimu kwi-laptop.
Lithi kuhambe ugesi besahleli kanjalo kodwa akwangasho ukuthi bayolala endlini enkulu (lapho kubulawelwe khona abazali) ngoba ibisaqhubeka idlala ifilimu.
Bathe besahleli kanjalo, wafika uSijadu evela esikoleni, kwazise bekukade kuwusuku olude lwezemidlalo.
“Ufike wazosibingelela, wasibuza impilo, ngaphambi kokuthi athathe ingane, wayoyiphuzisa umuthi womkhuhlane, waphinde wayibuyisa endlini ebesihleli kuyo,” echaza.
Ilungu lomndeni lithe akuphelanga sikhathi esingakanani, uSijadu ephindele endlini enkulu, bezwa umsindo wokukhahlelwa kwesicaba, kabili.
“Ngizwe ngishiywa yigazi isikhashana kodwa ngagcina ngithatha isinqumo sokuthi ngiphume, ngayobheka ukuthi kwenzekani? Bekumnyama. Ngithe uma ngifika ngingqongqoza, bangasabela, ngaqala ngasola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoba bavame ukusheshe basizwe uma singqongqoza.
”Ngijikele ewindini lasekamelweni labo, lapho ngiqaphele khona ukuthi livuliwe. Ngithe uma ngilunguza, ngaqale ngabona uNkk Sijadu elele phansi kunedamu legazi lapho elele khona, ngithe uma ngingena ngalo iwindi, ngafica uSijadu elele embhedeni, naye edutshulwe,” kusho ilungu.
Lo mndeni ufuna ubulungiswa kuboshwe abenzi bobubi, bajeze.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, usigxekile isigameko.
“Ubuthishela kufanele buvikelwe, buhlonishwe ngaso sonke isikhathi. Sibiza zonke izinhlaka zezokuphepha ukuthi ziqinisekise ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa, bajeze. Siyafuna futhi ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi ngabe yini eholele ekutheni abafi babulawe?” kusho uMshengu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko wathi kuvulwe amacala okubulala, kuyaphenywa.