UKUSEBENZA ngokuzimisela kusolwa ukuthi yikho okudalele umphathi wesiteshi samaphoyisa saseNdwedwe obebambile, odutshulwe wabulawa edlula erenki eBhamshela amazinyo abushelelezi ezigebengwini.
Umfowabo kaLt Col Jabulani Ndawonde (57) obewumphathi-siteshi obambile esiteshini samaphoyisa eNdwedwe , uMnuz Sanele Ndawonde, uthe umfowabo ubebuzonda ubugebengu futhi ubenza konke okusemandleni akhe ukuthi abenze ubugebengu bayaboshwa.
ULt Col Ndawonde kuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa ebebehamba ngemoto esendleleni eya kwakhe ehamba ngemoto yomsebenzi, ngoMsombuluko ntambama.
" Umfowethu bese esebenza eNdwedwe kodwa uma kunesigameko sobugebengu endaweni ubefika. Kweziningi ubefika kuqala, amaphoyisa endawo abefika esekhona eseqalile esebenza. Izigebengu bezikwazi lokho sicabanga ukuthi yikho okumdalele amazinyo abushelelezi," kusho yena.
Uthe abanalo ulwazi lokuthi bakhona yini ebebemsongela umfowabo ngoba ubengeyena umuntu othanda ukukhuluma nabo ngezinto ezithinta umsebenzi.
Abakubonile uthe izinto ebezibhalwe ezinkundleni zokuxhumana ebezithi kuseyisiqalo ukudutshulwa kukamfowabo futhi ucabanga ukuthi lezo zinsongo bezibhekiswe kwamanye amaphoyisa hhayi emndenini.
"Ngokubona kwethu ukubulawa kwakhe bekuhleliwe, uma ngabe ubengazange adlule erenki kusho ukuthi ababulali bebezomcuthela nalapha ekhaya. Ngokuthola kwethu kuqhamuke imoto yama ngaphambi kwakhe, wazama ukuyigwema washayisa isigxobo kwaqhamuka enye eceleni ebebekuyo bavulela ngenhlamvu bebhekise kuye," kusho yena.
Leli phephandaba lithole ukuthi ukubulalwa kukaLt Colonel Ndawonde kuhlobene nokubulawa kwabantu abayisishiyagalolunye abadutshulwe babulawa kuyo le ndawo ngeledlule kubo okukhona namaphara ayisihlanu adutshulwa eduze kwerenki adutshulelwe kuyo. Kwakusolwa ukuthi ukubulawa kwawo kuhlangene nombango wokudayiswa kwezidakamizwa. Yize kunalezi zinsolo zokuhlobana kwalezi zigameko kodwa akucaci ukuthi zihlobana kanjani.
Umfowabo uthe abanalo ulwazi lokuthi yini eholele ekutheni kudutshulwe umfowabo, lokho bazokuyekella emaphoyiseni.
UMnuz Celamandla Chiya umakhelwane, uthe balimele kakhulu ngokubulawa kukaNdawonde ngoba bebazi ukuthi ungumabizwa asabele.
"Besazi singomakhelwane ukuthi sivikelekile uma ekhona noma ngabe ngalolo suku akasebenzi. Ngaphandle komsebenzi wakhe wobuphoyisa ubebuye abambe iqhaza ekuthuthukiseni intsha ngebhola. Wasungula iqembu lebhola iCrocodile ngenhloso yokuthi intsha ingabi wuvanzi kube nezinto ezenzayo. Leli qembu waliyekelela ezandleni zethu kodwa uma lidlala, enesikhathi ubebakhona, " kusho yena.
UMnuz Iyobi Drisine ongomunye wabanikazi bezitolo eziseduze kwerenki yamatekisi eBhamshela, uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukaLt Col Ndawonde.
" Ubejwayele ukudlula ezitolo zethu afike abuze ukuthi ngabe sisasebenza kahle siphephile yini. Ukufika kwakhe bekwenza ukuthi izigebengu zesabe ngengoba eseshonile nje asazi kuzokwenzekani," kusho yena.
UKhomishana wamaphoyisa kuleli uGeneral Khehla Sitole, uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthi abathinkekayo ekubulaweni kukaLt Col Ndawonde baboshwe emahoreni angu-72.
Uthe imiphumela yophenyo lwesikhashana ikhomba ukuthi udutshulwe ngabantu ebebegibele iloli elincane ebelidlula .
UNgqongqoshe wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni, unxuse amaphoyisa ukuthi azivikele uma ehlaselwa izigelekeqe ezihlomile.
Uqhube wathi angu-11 amaphoyisa abulawe esemsebenzini phakathi kuka-Ephreli nyakenye noMashi kulo nyaka esifundazweni. Ayishumi uthe abulawe engekho emsebenzini.
Amaphoyisa asenxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi ashayele inombolo yeCrime Stop ethi 08600 10111.