KUSIZE iLadies House ukuze kubanjwe umfundisi webandla lodumo oselobole abesifazane abawu-22, maqede abaqole izizumbulu zemali.
Ngempelasonto edlule kuthiwa uMfundisi Zamani Shozi webandla iGalile egatsheni elisePinetown, ubelobola abesifazane ababili ngempelasonto eyodwa.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, laba besifazane banameke izithombe zabo kuleli khasi lodumo kwabesifazane kuFacebook, okuthe uma omunye ebona ‘umyeni’ wakhe, nezintokazi zilokhu zinameka izithombe ziveza ukuthi ‘owumkhwenyana’ wazama izindlela zokuxhumana naye engxenye. Yilapho okuvele khona ukuthi empeleni wuMfundisi Shozi, kwavela baze baba wu-22 abesifazane abaveze izithombe belotsholwa.
Leli phephandaba linezithombe eziyishumi, la kuvela khona uShozi ekhehla ingoduso, kwezinye ehambisa umembeso kanti kwezinye usuke eyokhonga.
“Angifuni kuzwa lutho ngaleyo ngcanga. Yangilobola kanti iyazi yayihloseni. Ngithe uma ngenza ucwaningo, ngathola ukuthi empeleni ulobole abesifazane abawu-22 kulo nyaka nje uwodwa," usho kanjena evala ucingo.
Omunye wesifazane ongusomabhizinisi othi uqolwe wuShozi, uthi umqole imali efinyelela kuR2.5 million.
Uthe wamfaka ebhizinisini athi akafake kulo imali ukuze lidlondlobale kodwa ekugcineni kwavela ukuthi akukho bhizinisi.
Usole lo mfundisi ngokuboleka izimoto zakhe bese enyamalala nazo. Ezinye uthi uzithole sezishintshwe ama-number plate, okuyizinkomba zokuthi ubehlose ukumqola.
UShozi walobola kubo kalo somabhizinisi emcimbini obuhlanganise nomkhehlo ngoNovemba 25 kulo nyaka.
Uthe uhlukane noShozi ngemuva kokuthi etholile ukuthi kanti ulobole inqwaba yabesifazane bese ebaqola.
Ukhombise intatheli ubufakazi bayo yonke imali athi uyiqolwe wuShozi.
ISolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uShozi uma ezolobola, ufika azishaye ziphelele ashiye kubatshazwa.
Kuvela ukuthi kuyona yonke imizi alobola kuyona akathumi abantu bakubo kodwa useneqeqebane labangani bakhe okuyilona elenza loyo msebenzi.
Kunomunye wesifazane ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe, olotsholwe kulo nyaka wase eqolwa u-R700 000 uma esho.
Kunecala elivuliwe ngalokhu. "Ngiyamesaba mina lo bhuti. Ngicela ukuthi kube khona okwenziwayo ukuze ezonqandwa ngokushesha uShozi," usho kanje.
Imithombo esondelene noShozi ipotshozele leli phephandaba ukuthi empeleni uShozi uphila impilo ewubukhazikhazi, uhamba ngezimoto zikanokusho kodwa akwaziwa bhizinisi alenzayo noma lapho esebenza khona. Kuvela ukuthi uhlala eBallito.
Ngaphakathi ebandleni kunabesifazane abayisikhombisa abazivumele ngokwabo ukuthi bathandana nomfundisi. Kodwa bathe abathandi ukuchaza izinto eziningi.
Kunomunye wesifazane oveze ukuthi uShozi waboleka izimoto zakhe ezimbili, wanyamalala nazo okugcine ngokuthi zitholwe amaphoyisa sezidayisiwe eGoli.
Lo mfundisi kuvela ukuthi ubuye azibize ngephoyisa njengoba enesigqebhezana esimchaza njengephoyisa leSAPS (esithombeni).
Lo mfundisi uke azwakale emisakazweni nephimbo lakhe lijwayelekile entathelini. Kodwa ethintwa ngenombolo eyaziwa njengeyakhe, uziphikile. Uthe uyamazi impela umfundisi uShozi, kodwa okwamanje umbambele ucingo ngoba ungeniswe esibhedlela exineke kakhulu kuleli sonto.
NgoMsombuluko uShozi ukhalelwe ngamaSongo kaSigonyela kade evulelwe icala ngomunye webesifazane kodwa wabuya wadedelwa
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaShozi. Uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-34 ngecala lokudayiswa kwemoto.
“Amaphoyisa aseMgungundlovu amphenya ngokudayisa imoto okusolwa ukuthi akuyona eyakhe. Usolwa ngokuthi wayidayisa eGoli,’’ usho kanje.