ABUSEHLI kahle ubuthongo kowesifazane osekuphele amasonto kunyamalele indodakazi yakhe esafunda. UNkk Thandi Mngadi wakwa-E eNtuzuma, uthe indodakazi yakhe uNksz Mbali Nduduzo Mngadi (26), sekuphele amasonto amathathu inyamalele, kungazwakali nomkhondo ngayo.
Ngokusho kukaNkk Mngadi indodakazi yakhe ibifunda esikoleni sokucija amakhono okushayela izindiza eMhlanga.
“Ngigcine ukumbona ngoMeyi 4. Akekho owambona ekuseni ngakusasa ukuthi wahamba egqoke kanjani kodwa ujwayele ukugqoka izingubo ezimnyama i-jean emnyama namaboots amnyama. Wenza izifundo ze-airport and customer service eMhlanga,” kuchaza uNkk Mngadi.
Uphinde wathi indodakazi yakhe ayinabo abangani abaningi futhi ayikhulumi kakhulu, ijwayele ukugcina ngokubingelele bese ihlala ekamelweni layo.
“Ngisho umzala wakhe ajwayele ukuxoxa naye akazi ukuthi ngabe wayaphi,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe baphenya icala lokunyamalala kowesifazane okusolwa ukuthi waduka eya esikhungweni afunda kuso.