BAZOHLUKANISELANA uR900 000 abazodla umhlanganiso womncintiswano wokumodela nowomjaho wamahhashi yaminyaka yonke eyenziwa wuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo.
Le micimbi yaminyaka yonke, nonyaka izoqala ngowokumodela, uMr & Miss King Cetshwayo ozoba seCivic Centre, Empangeni ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama. Owomjaho wamahhashi uzoba seMpangeni Airfield, ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni.
Okhulumela lo masipala, uMnuz Thami Shangase, uthe abazonqoba kowokumodela bazohlukanisela uR120 000, kwabesilisa nabesifazane.
“Sibeke uR60 000 kwabesilisa nabesifazane. Abazophumelela bazothola uR30 000, uR20 000 kwabendawo yesibili noR10 000 abazophuma isithathu,” usho kanje.
Eqhuba, uthe kwabomjaho wamahhashi bahlele ukwenza imijaho eyishumi, kanti babeke uR780 000 kwabazophuma phambili.
Ozodla umhlanganiso womjaho omkhulu uzokhala emuke noR300 000, kube wuR200 000 olale isibili, uR150 000 ophume isithathu, uR80 000 kweyesine noR50 000 kolale isihlanu.
“Silindele amahhashi asezindaweni ezahlukene zesifundazwe, ngisho nawasemazweni esingabala neLesotho kuwona, ingxenye yawo ebikade ikhona nakwiDundee July. Asibeke sibalo samahhashi esiwadingayo, sivulelekile kwabafuna ukuzoncintisana emjahweni,” kusho uShangase.
Uthe njengaminyaka yonke, emncintiswaneni wokumodela kuzoncintisana izinsizwa nezintokazi ezinqobe emincintiswaneni ebiyenziwe komasipala babo abancane abahlanu abangaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo, ukubasiza bachume kule ndima.
“Sifuna bathuthuke kule ndima baze bafike ezingeni eliphezulu njengoLalela Mswane waKwaSokhulu, owanqoba uMiss South Africa ngo-2021. Sikholwa wukuthi lokhu esikwenzayo kuzoba yisisekelo esiqinile sokuthuthuka kwabo endimeni,” usho kanje.
UShangase uveze ukuthi nakuba lingezukuba bikho idili lomculo njengangonyaka odlule, kodwa bazoba khona abaculi abadumile nabendawo ukunandisa ngokuqhubeka komcimbi womjaho.
Emacikweni azonandisa kukhona uMawhoo, Mzukulu, Saliwa, DJ Dusty, DJ Halleluyah, Sithelo Shozi, DJ Fhiso, Ama-Tycooler, Njabulo The Drummer, Menzi, Ndumiso, Khaya Dladla noPenny Ntuli.
Kungenwa mahhala kowomjaho wamahhashi ngoMgqibelo, bese kungena abamenyiwe kuphela kowonobuhle.