SIYENYUKA isibalo samaqembu ahlangana ngenhloso yokuketula i-ANC emandleni, okhethweni olubhekwe ngabomvu lukazwelonke lwangoyaka ozayo.
Lokhu kulandela ukungena kwamaqembu i-Ekhethu People’s Party, ezinze eGauteng ne-United Christian Democratic Party, eyasungulwa ngowayengumholi waseBophuthatswana, uMnuz Lucas Mangope.
Leli qembu lizinze eNorth West kanti womabili azoba yingxenye yokhetho ukuze ancozule amavoti kaKhongolose.
Isitatimende senhlanganisela yamaqembu abambisene okuyi-DA, IFP, FF Plus, ActionSA, ACDP, ISANCO, UIM neSNP, samukele lawa maqembu kule nhlanganisela.
Sithe sinethemba lokuthi lawa maqembu azodla amavoti e-ANC kulezi zindawo.
“Sifuna ukunika abavoti into ehlukile kunalokho abakunikwa i-ANC. Sinxenxa abantu bakuleli ukuthi basondele bavotele inqola ehambayo.”
Le nhlanganisela ithembisa ukuthi kuzoba nokulingana ngakwezomthetho, amandla azobuyela kohulumeni basekhaya, kuzoliwa nenkohlakalo, kuzolethelwa abantu izidingo ezibafanele.
“Kuzohlinzekwa ngemfundo nezempilo ezisezingeni, kukhuliswe nomnotho ontengayo. Sizosebenza ngamandla ukubumba abantu bakuleli ukuze kube nezinguquko kuleli.”
Kwenzeka lokhu nje, uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, usephufumule ezinkundleni ezehlukene ngokuthi le nhlanganisela yamaqembu ngeke iyiketule le nhlangano.
URamaphosa wathi bayazi ukuthi ikuphi okudingwa ngumphakathi ngakho bayazilungisa izikhalazo zawo.
Waveza ukuthi abeseka i-ANC abawavoteli amanye amaqembu uma bengeneme kodwa bamane bajezise le nhlangano ngokuthi bangayi kovota, bazihlalele emakhaya.
Namhlanje abaholi be-ANC okubalwa noRamaphosa basonga imihlangano abebeyihambele yokuchazela abantu ngabakwenzile selokhu bathula umqulu wezethembiso zokhetho lwango-2019.
Lo mhlangano usongwa e-Alberton Civic Centre Ekurhuleni, eGauteng.