SIVUNDULULWE abahlala emgwaqweni sinezibazi zokushiswa, sesonakele, isidumbu sengane engaziwa okukholakala ukuthi ineminyaka eyisikhombisa, esitholwe epaki iLotus eSiphingo, ngoMsombuluko.
UNksz Dawn Gounden we-Renegades Search and Rescue unxuse ukufuniswa umndeni kamgilwa isidumbu sakhe okuthiwa bese sesonakele okukholakala ukuthi bese kunesikhathi eside senzakaliswa, sagqitshwa ethuneni elingashoni kakhulu, esibonwe ngabahlala emgwaqweni.
“Bathinte amaphoyisa nabeRenagades and Rescue, kanti isidumbu besisemweni esibi kakhulu, sesingasabonakali kahle obekukhombisa ukuthi bese kunesikhathi sagqitshwa futhi sinezibazi zokusha. Sinxusa usizo emphakathini ukuthi usilekelele ekutholeni ulwazi olungaholela ekutholakaleni komndeni,” kusho uNksz Gounden.
Kwenzeka lokhu nje, umndeni waseMalukazi uphansi phezulu uthungatha indodakazi yawo uZekhethelo Luphalule (6) osekuyophela inyanga anyamalala njengoba egcine ukubonwa ngoJuni 20, 2024.
UNksz Gounden uqinisekise ukuthi umndeni kaZekhethelo ufikile ukuzobheka isidumbu esitholiwe kodwa kwatholakala ukuthi akuyena. Uthe kungenzeka ukuthi isidumbu esitholiwe akusona esasendaweni kodwa ingane ibulawe kwenye indawo yayisizolahlwa eSiphingo. Ugqugquzele abantu ukuthi baqinisekise ukubika emaphoyiseni uma kunomuntu onyamelele, ukuze besizakale, bekwazi ukufuniswa abathandiweyo babo.
Isihlava sokubulawa kwezingane kumbe sokuduka kwezingane zitholwe sezibulewe kubukeka sidla lubi kulesi sifundazwe.
Kuthe ngesonto eledlule kwatholwa isidumbu sikaSifundo Mkhize (7) waseZinketheni, eMgungundlovu, sivalelwe endlini kamakhelwane siboshwe izandla nezinyawo sinenxeba esiphangeni. Kulesi sigameko kukholakala ukuthi senziwe umakhelwane obefuna ngodli umsebenzi kuyise kamufi, okuholele ekutheni amalungu omphakathi athukutheliswe yilesi senzo amhlasele umsolwa ambulale.
ULisulenkosi Lamula (2) waseMakhazane, oLundi, isidumbu sakhe sitholwe emasontweni amabili edlule ethoyilethi lomgodi emva kosuku edukile ngesikhathi bekunomcimbi ezihlobeni zomndeni. Umndeni usola isandla semfene ngokufa kwakhe.
Mayelana nesidumbu esingaziwa esitholwe eSiphingo ngoMsombuluko, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseSiphingo aphenya icala lokubulala.
“Imibiko iveza ukuthi isidumbu sengane engaziwa sitholwe sesonakele ehlathini kubonakala sengathi sasiqale sashiswa,” usho kanje.