SIHLE MKHIZE
UVULELWE icala lokuntshontsha umsakazi weMbokodo FM ngezinsolo zokuqola abafundi abathathu basesikhungweni semfundo ephakeme, i-Icesa eThekwini.
Lo msolwa obengumphathi ophikweni lwezindaba kuthiwa wayalela laba bafundi ukuthi bamnike u-R300 ngamunye ukuze bazitholele izikhala zokuqedela izifundo zobuntatheli kwazise bebenza unyaka wokugcina.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCapt Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko wathi icala livuliwe kodwa akukaboshwa muntu.
UNksz Nontobeko Hadebe uthe balulekwe nguSandile Ngema ongumphathi siteshi weMbokodo FM ukuthi baphuthume emaphoyiseni asePinetown ngoba akugwazwa ukuze ungene kulesi siteshi njengoba sisakazela umphakathi.
“Siqale ukusola emuva kokuphela kwesikhathi eyesithembise sona ukuthi uzosishayela ucingo. Wayekade ecele ukuthi simnikeze imali yethu wangasinika maphepha aqinisekisa ukuthi sikhokhile wase esithembisa ukuthi uzosithinta. Ngendlela alulalisa ngayo ulimi akufikanga ukuthi sisole ngoba nathi sase sikade siphuma singena sifuna indawo esingaqhuba khona izifundo. Esengasalubambi ucingo sanquma ukuziyela mathupha nalapho sihlangane khona nomphathi siteshi osiyalele ukuthi sibike udaba emaphoyiseni,” kusho uNksz Hadebe.
UNksz Nosipho Gamede noNksz Nosipho Mdlalose abebehambisana noNksz Hadebe bathi le mali babeyikhokha ngezinsuku ezahlukene.
UNgema uthe abanayo indawo yomuntu osebenzisa igama lesiteshi ukwenza ubugebengu.
“Sibonane nezingane ngoLwesithathu ngaziyalela ukuthi zivule icala ngoba ngazi kahle ukuthi lokhu okubikwayo akuhambisani nokusebenza komsakazo. Thina asikhokhisi uma umfundi ezoqhuba izifundo zakhe lokhu akwenzile ngiyakweshwama,” usho kanje.
Uthi ugcine ngoMsombuluko emsebenzini lo msolwa esiligodlile igama lakhe ngoba kuningi abaphenywa ngakho ngaphakathi esiteshini.
Uqhube ngokuthi lo msolwa akaseyona ingxenye yalo msakazo, futhi ufisa umthetho udlale indawo yawo.