SIPHELILE isiteleka saseTransnet emva kokuba iSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu) icele abasebenzi ukuba babuyele emsebenzini.
Abasebenzi abawu-53% baseTransnet benyunyana i-United National Transport Union (UNTU) sebebuyele emsebenzini emuva kokusayina isivumelwano sokunyuselwa amaholo ngo-6%.
Izolo uNobhala Jikelele weSatawu, uMnuz Jack Mazibuko ubehlangane nabasebenzi echwebeni laseThekwini, wabacela ukuthi babuyele emsebenzini.
“Sicela nibuyele emsebenzini yize singakutholanga ebesikucelile kumqashi kodwa-ke ozakwethu ebesinabo ezingxoxweni benye inyunyana sebesayinile isivumelwano sokunyuselwa amaholo ngo-6%. Sizoqhubeka nokuxoxa nomqashi futhi siyathemba ukuthi izingxoxo zethu zizothela izithelo ezinhle,” kusho uMazibuko.
Uthe namuhla abasebenzi babo bazobuyela emsebenzini emuva kwesiteleka esesidonse amasonto amabili.
ITransnet iveze ukuthi u-70 kuya ku-80% wabasebenzi bayo usubuyele emsebenzini emuva kwesiteleka esidonse izinsuku eziwu-12.
UNksz Ayanda Shezi okhulumela iTransnet, uthe uyaqhubeka umsebenzi wokubuyisela isimo kwesijwayelekile kanti balindele ukuthi abanye abasebenzi babuye.
Uthe bazoqikelela ukuphepha kwabasebenzi nempahla njengoba beqhubeka nokulungisa izinto.
Uveze ukuthi sebeqalile ukuxoxa namakhasimende abo ngezinhlelo zokuqhuba umsebenzi obumile ngenxa yesiteleka.
Uthe bayawuhlola umzila wezitimela zabo ukuqinisekisa ukuthi konke kusesimeni sokuthi kuhambe impahla kanti emachwebeni sebeqalile ukuthulula impahla emikhunjini nokulayisha okufanele ihambe.
Amapayipi abo ahambisa uphethroli ezweni jikelele uthe nawo ayasebenza futhi konke bakuqaphe kahle.