UZWAKALISE ukujabula umndeni wowesifazane owabulawa ngesihluku eFolweni, umsolwa owayeyisoka lakhe, elaxaza isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu
UMnuz Mduduzi Masuku (32) bekulindeleke afake isicelo sebheyili ngecala lokuhlahlela ngocelemba, uNksz Mabongi Mkhize (32) ngoJanuwari 5.
Nokho ushaye ungqimphothe, esezwakalisa ukuthi akasafuni ukufaka isicelo sokudedelwa ngebheyili.
Ummeli wakhe utshele inkantolo ukuthi emva kokuxoxa kwabo, uMasuku umyalele ukuthi azise inkantolo ukuthi akasayifuni ibheyili.
Usale esezwakalisa nokuthi ngeke esaqhubeka nokummela ngokuzayo njengoba bebevumelene ngokuthi uzoqhubeka nokummela uma eqhubeka nesicelo sebheyili kuphela.
Imantshi ithe ilihlehlisela uMashi 5, icala lakhe ukuze amaphoyisa aqhubeke nophenyo lwawo.
Uyise kamufi, uMnuz Bikela Mkhize, ozizele mathupha enkantolo yize esephelelwa amandla ngenxa yokuhamba kweminyaka, uthe kuyamjabulisa ukuthi umsolwa ayilaxaze ibheyili ngoba ubugebengu benziwa wuye.
"Uye owaziyisa emaphoyiseni, waze wawayalela ngisho nokuthi ubhushu awusebenzisile uwujikijele kwamakhelwane," kusho uMkhize.
Uthe bekusabaxaka ukuthi yini emenza afune ukufaka isicelo sebheyili, ebe eziyise yena emaphoyiseni “ngecala alenzile”, wathi bekuzoba ukuchitha isikhathi ukufaka kwakhe isicelo sebheyili.
Uhlabe kwayona eyecala elilokhu lihlehla, ethi akunasidingo njengoba umsolwa aziyisa yena emaphoyiseni.
"Kwabhulukwe ayeligqokile, elalinegazi, lasala khona emaphoyiseni," kubeka uMkhize.
Uthe ubheke inkantolo ukuthi imnike isigwebo esinzima ngobuhlungu abazwise bona.
"Ufanelwe udilikajele," kusho yena kwananela nomkakhe, naye obonakale elusizi enkantolo.
Umfowabo kamufi, uMnuz Phindani Mkhize, uthe kuzomele umthetho usiqise isandla kubasolwa bezigameko zokubulawa kwabesifazane ngesihluku.
"Isihluku esinje bengigcina ngokusibona emaphepheni, nasezindabeni, ngizitshele ukuthi yinto ekude nami. Ithe uma isibhekene nami ngqo, ngabuzwa ubuhlungu ngaphakathi enhliziyweni," kusho umfowabo kamufi.
Wengeze ngelithi abasolwa bamacala abucayi njengawokubulala nawokudlwengula abesifazane akufanele engabe abasolwa bayavunyelwa ukufaka isicelo sebheyili.
"Njengaye nje lo. Uyena ozivumele ukuthi icala ulenzile, bengisathukile ukuthi uzoyinikwa kanjani ibheyili. Asikho isidingo sebheyili uma kunobufakazi bonke bokuthi into uyenzile ukuze nabanye bezofunda isifundo nakwabanye," usho kanje.
Ngosuku lwesigameko umsolwa kuthiwa wazama ukukhuluma nomufi ngezikhathi zasemini kodwa uNksz Mkhize wathi ucela bakhulume ntambama, uma esebuye lapho ayeya khona.
Kuthiwa emini umsolwa wayelokhu embelesela ngezingcingo, waze wamtshela nokuthi uyaphuza utshwala futhi ubuphuzela yena.
Nokho umufi akazange azinake lezi zinsongo ezitshela ukuthi uyadlala.
Kuthiwa wathi efika kwakhe ethi uyehla emotweni, umsolwa wabe emhlasela ngocelemba, emgenca ngisho engasanyakazi.
Ngokuthola kweSolezwe, uNksz Mkhize wayenomunye wesilisa emotweni okuthiwa wayeyisoka lakhe, nokho umndeni wakucacisa ukuthi wona wazi ukuthi umufi wayehamba nabangani bakhe ayekade ehlezi nabo endaweni yobumnandi eMlaza.
Isolezwe labuye lathola ngomthombo ukuthi umsolwa wayedinwe nawukuthi isoka likamufi elisha limgcone ngokuba nesitho sangasese esincane, waze wabuza ukuthi likwazi kanjani lokho ngoba alikaze limbone enqunu.
Nakulezo zinsolo, umndeni wathi awuzazi, wasola uMasuku ngokuthi kwakumele awazise uma benezinkinga nomufi, hhayi ukuthi ambulale.