LIVELE lahwaqabala ebusweni, amehlo aphenduka abomvu samuntu ofuna ukukhala, iphoyisa eliboshelwe ukutholakala nekhadi lasebhange lomgilwa owayedunwe imoto ngasekuqaleni kwenyanga edlule, imantshi ilinqabela ibheyili.
UConstable Minenhle Makhaye (27) osebenza esiteshini samaphoyisa saseCato Manor, eMayville, obhekene namacala amane, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ukuzozwa ngesinqumo sesicelo sakhe.
Emacaleni abhekene nawo kukhona elokweba, elokukhwabanisa, elokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
Imantshi, uMnuz Ashwin Singh enqaba nebheyili, ithe uMakhaye uyiphoyisa eliwazi njengoba lizazi umthetho, ngakho ke kungaba lula ukuthi aphazamise ubufakazi kanjalo nofakazi.
Uthe lokhu ukusho njengoba kuqhubeka uphenyo ngelinye icala elingahlangene naleli, okungeke kumangaze uma eba wumsolwa kulo.
Lelo cala elokushiswa kwehhovisi lasesiteshini sakhe, okuthiwa laligcine bonke ubufakazi obabuzosetshenziswa uma eseqondiswa ubugwegwe njengoba ewuhlupho emsebenzini.
Phakathi kwezinto okuthiwa uhlupha ngazo uMakhaye, kuthiwa ucwila kuze kweqe ezinkambeni zikaFaro futhi ulova njalo.
USingh uqhube wathi akugcinanga ngokuthi kushiswe ihhovisi kodwa kwaphinde kwagqekezwa namahhovisi amaphoyisa amathathu okuvela ukuthi ayezoba yingxenye yokuqondiswa kwakhe ubugwegwe.
“Lolu daba kufanele lufakelwe izibuko, kubhekwe ukuthi ngabe kwavele kwaziqondanela nje noma uyathinteka kulo,” kusho uSingh.
Ubuye wathi inkantolo ibuye yabheka nokuthi maningi amathuba okuthi athikameze ofakazi njengoba kubona, kukhona nabangani bakhe, ababekhona ngesikhathi ethenga ngekhadi.
Ubuye wathi iyamangaza indaba yokuthi uMakhaye athi eyiphoyisa kodwa athathe ikhadi lasebhange emotweni ethathwa njengezibithi ecaleni lokuduna.
“Kuzofanele icubungulwe indaba yokuthi uthi walithatha ngephutha, nokungaba yiqiniso. Umbuzo osalayo owokuthi ikhadi walibona ngoSepthemba 12 ukuthi akulona elakho, ngesikhathi ulisebenzisa ukukhokhela utshwala? Kuyamangaza ukuthi wakhetha ukuqhubeka uhlale nalo amasonto amathathu wonke njengoba waze waboshwa nalo ngo-Okthoba 4,” kubeka uSingh.
Uthe isenzo sikaMakhaye sishiya imibuzo, wathi kwakufanele okungenani alinike abaphathi bakhe masinyane ikhadi, asho ukuthi ulithathe ngephutha.
“Awusiye umuntu nje, uyiphoyisa, umthetho uwazi njengoba uzazi. Isenzo sokuthatha ikhadi, ozivumele wena ukuthi kwaba yiphutha, sikhombisa ukuthi ungakwazi ukucekela phansi ubufakazi ngempumelelo.
“Ngalezo zizathu, ngiyakwenqabela ibheyili,” kusho uSingh, othe icala lizohlehliselwa uDisemba 10, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Inkantolo ibuye yamsola ngamakhadi awu-272 atholwa ekameleni lakhe ngesikhathi eboshwa.
Phambilini, umsolwa uveze ukuthi abuya nomkhulu wakhe osewashona njengoba ayesebenza umsebenzi wokuhambisa impahla. Nokho uphenyo luveze ukuthi antshontshwa eBridge City ngezibhelu.
Okwamanje uMakhaye akayamaniswa nokudunwa kwemoto yomnikazi wekhadi eMalvern, nokwaphetha ngokushona kwengane eno-11, eyashayiswa yimoto icashe ngaphansi kwayo.
UMakhaye, obelokhu ezilula, eqalaza emumva, aphinde abheke phansi uke wathethiswa imantshi, ithi akahlukane nokulokhu ekluluza kabi umphenyi wecala, uWarrant Officer Savin Naidoo.
USingh oyalele ummeli kaMakhaye, uMnuz Zolani Duma ukuthi akamkhuze, uthe sesiside ikhathi eqaphela ukuthi ulokhu ebuka kabi uNaidoo.
Lapho obekuhleli khona umphakathi enkantolo, bekukhona owesifazane obelokhu egqume njalo uma imantshi ifunda obunye ubufakazi obubucayi.
Phakathi kobufakazi obebufundwa obebugqumisa lona wesifazane ilobo bokuthi unengane enezinyanga ezimbili ayondlayo ehlala nonina eMgungundlovu.