UMFELANDAWONYE wezinyunyana zabasebenzi i-Cosatu ulindele ukuthi amaKhomanisi aphume neqhinga lokuqinisa ubudlelwano kumadlelandawonye ahlanganisa i-ANC, Cosatu kanjalo nayo i-SACP.
Lo mfelandawonye uthe amaKhomanisi kumele aqhamuke nomkhombandlela wokulwa nenkinga yokuncishiswa kwesabelomali ebhekene neminyango ehlukene kahulumeni.
Okhulumela i-Cosatu uNksz Zanele Sabela, uthe babheke lukhulu engqungqutheleni ye-SACP, eqala namhlanje ize iphothulwe ngoMgqibelo, eBirchwood Hotel and OR Tambo Conference Centre, eBoksburg, Ekurhuleni, eGauteng.
Kule ngqungquthela okuzobuyekezwa kuyona eminye yemigomo yale nhlangano, kulindeleke ukuthi kubhungwe kabanzi ngodaba olusematheni lokungenela ukhetho ngokuzimela, ingasebenzi ne-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2026.
I-ANC isike yaxoxa ne-SACP kodwa izingxoxo zizoqhubeka ngonyaka ozayo ngodaba lokungenela ukhetho ngayodwana.
UNksz Sabela uthe bayifisela impumelelo i-SACP njengoba izoba nale ngqungquthela.
“Sethemba ukuthi izophuma namasu okuqhubeka kubunjwe abasebenzi kanjalo namadlelandawonye. Kubalulekile ukuthi kubuyiswe ithemba emphakathini nasezinhlakeni ezehlukene,” kusho uNksz Sabela.
Uthe emlandweni wayo i-SACP ihlale iyithemba labasebenzi futhi ilwa nezinto ezifana nenkohlakalo kanjalo nokulawulwa koMbuso yidlanzana.
I-SACP ihlale igxeka ukwehliswa kwesabelomali seminyango okwenza kube nzima ukusebenza kuhulumeni.
Ihlale ifuqa imikhankaso yokukhulisa umnotho, ukulwa nokungalingani ezweni, ukulwa nendlala, ukungasebenzi nezinye izinto ezithinta abantu.
Selokhu i-ANC yehlelwa ukwesekwa okhethweni lwangoMeyi, uNobhala jikelele we-SACP uMnuz Solly Mapaila, uhlale egxeka ekahulumeni wokubambisana kwamaqembu kuzwelonke.
I-ANC yaphoqeleka ukuthi isebenzisane namaqembu angu-9, kuhulumeni ngenxa yokwehlelwa ukwesekwa.
Ekhuluma nabezindaba emuva komhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazothumela iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ozokwethula inkulumo engqungqutheleni yeSACP.
UMbalula uthe abazokubasusa ongqongqoshe be-SACP abakuhulumeni nakuba le nhlangano ihlongoza ukuzimela okhethweni.
Muva nje, ekhuluma ne-Newzroom Afrika, uMapaila, uthe abukapheli ubudlelwano phakathi kwe-SACP ne-ANC.
Uthe amanye amalungu e-SACP athe uma isiphakamiso sokungenela ukhetho kwale nhlangano ngayodwana, sigunyazwa engqungqutheleni kumele behle ezikhundleni ongqongqoshe be-SACP.
“Sibatshelile ukuthi abekho ongqongqoshe be-SACP ngoba balapha ngokujutshwa yi-ANC. Okwamanje sithe ababambe amatomu, bangasuli. Bakhona abazimisele ngokushiya uma lesi siphakamiso sigunyazwa,” kusho uMapaila.