KUPHOTHULIWE ukulalelwa kobufakazi ecaleni lephoyisa eligada umengameli elisolwa ngokudubula libulale owayekade encike emotweni yalo eMolweni, eThekwini.
INkantolo yesiFunda yasePinetown isonge ngokuthi ilalele ubufakazi bukamsolwa, uSergenat Sibonelo Christopher Shabangu.
Usolwa ngokubulala uMnuz Qaphela Mdima ngaphandle kwendawo yobumnandi eCasablanca Lifestyle, ngoNovemba 2022.
UShabangu ugcizelele ukuthi waba nengxabano eyaqalwa wukuthi wacela umufi anganciki emotweni yakhe.
“Umufi wakhuluma ukweyisa futhi edelela. Saxabana ngendlela yokuthi kwashoda umuntu owayezogadla kuqala,” kusho uShabangu.
Usho lokhu nje, ubesebhokisini lofakazi, ekhulumela phansi, elalelwe abesilisa afike nabo enkantolo kukhona nomfowabo kamufi nabezokweseka umndeni wakhe.
UShabangu obebukeka ezikhululekele, uthe wayezivikela ngoba ebona impilo yakhe isengcupheni edubula umufi ayeqhelelene naye ngebanga elingu-12 wamamitha.
Uthe wafayela izinhlamvu ebhekise kumufi esebaleka futhi ethukile ngesibhamu somsebenzi esasilayisha izinhlamvu ezingu-17.
Umbiko kadokotela owahlola isidumbu futhi owafakaza enkantolo, uthe umufi wadutshulwa kanye esifubeni ngasenhliziyweni, kabili ngemuva emilenzeni nasezinqeni.
UShabangu uthe wayesazoqhubeka adubule ukube aziphelanga izinhlamu esibhamini ayesiphethe.
“Ngaqale ngokuthi ngidubule kabili ngibhekise kumufi ngimxwayisa eza kumina, emva kokuthi sihlukanisiwe abantu abahamba naye waphulukundlela wabuya. Ngangisaba ngithi uphethe isibhamu engingasibonanga ngoba sasingasuki okhalweni isandla sakhe sixabana,” kusho uShabangu.
Namuhla, inkantolo izolalela izethulo zokugcina ngaphambi kokuthi ikhiphe isinqumo sokuthi iyamlahla noma imkhipha phambili ecaleni uShabangu.
Imantshi ithe vele uShabangu uzivumele ngokwakhe nguye owadubula umufi, umbuzo okumele uphendulwe owokuthi kwakufanelekile yini akwenza kumufi?
Ibikade iqale yabuza uShabangu ukuthi ngesikhathi ebona ukuthi kunengxabano phakathi kwakhe nomufi, kungani engangenanga emotweni wahamba?
Akacacisanga ngaphandle kokuthi wayezitshela ukuthi isiphelile ingxabano umufi esuswa abantu eduzane kwakhe.