INKANTOLO Yomthethosisekelo isinqume ukuthi abantu abadala sebevumelekile ukusebenzisa insanga emakhaya kuleli. Lesi sinqumo simenyezelwwe yiPhini leNhloko yamajaji kuleli, uJaji Raymond Zondo.
Lokhu kulandela impi ende ebiholwa yiDagga Party yokuthi kube semthethweni kuleli ukusebezisa insangu emakhaya.
Umbuso ubukade ufuna sibuyekwezwe isinqumo sokuba semthethweni kokusetshenziswa kwensangu njengoba ukholelwa ukuthi ababhema insangu bayaphazamiseka ngokomqondo futhi bangaba yingozi kwabanye abantu.
Inkantolo enkulu eWestgern Cape ngaphambilini yakhipha isinqumo sokuthi iDrug Act yakuleli inqinda ilungelo lokwenza izinto ngasese.
Yaphinde yakuthola kungekho emthethweni ukunqanda abantu ekusebenzisa, ukuthenga nokutshala insangu emagcekeni emizi yabo.
Ngakolunye uhlangothi i-IFP ithela izithelo ezinhle kumkhankaso wokuthi uhulumeni avume ukutshalwa kwensangu ezosetshenziselwa ukulapha abantu kuleli.
Zondo: The judgement is unanimous.
You may:
a) Have marijuana in possession & consume in your home.
b) The cultivation of marijuana in a private home has been decriminalized. #ConCourt #DaggaDecision #Weed #Marijuana #Dagga pic.twitter.com/tMhTqYkKhH
— CapeTown_Bru (@Apetown_Bru) September 18, 2018
Breaking News:
Constitutional Court rules that persons can smoke in the privacy of their homes.
Legislation should be amended accordingly as the Drugs Act is unconstitutional pic.twitter.com/tmbQn6iPTb
— Tumi Sole (@tumisole) September 18, 2018