INKINGA yokubhuqabhuqana kosomatekisi bakwaSwayimani seyingenelelwe wuMasipala waseMshwathi kanye nohulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu kuvele kwimbizo yokunqanda ubugebengu nokubhebhetheka kwezidakamizwa ebibanjelwe ezinkundleni zemidlalo zaKwaNdlebezembuzi, kwaSwayimani ngoLwesine.
Imeya yakuMasipala waseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, uthe zimphatha kabi izigameko zokubulawa kosomatekisi ngaphansi kumasipala awuholayo, ikakhulukazi kwaSwayimani.
"Kulimale osomatekisi abaningana, cisho abawu-15 esikhathini esingeside kakhulu. Ngenye yezinto esithe uma sikhala esifundazweni, behla, baya esteshini samaphoyisa, bayobonana nomphathisiteshi." UZondi uthe bathole ukuthi abasebenzi basesiteshini saseWartburg, esibhekene nanoSwayimani, abanele nezinsizakusebenza zincane.
"Kwakunesiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana (kwaSwayimani) esamiswa kuqhubeka ngenxa yenkinga kagesi namanzi. Imeya yoMkhandlu wesifunda (UMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma), ngoba yibo ababhekene namanzi, uthe uyazibophezela ukulungiseni inkinga yamanzi maduzane futhi sizohamba siyokhuluma no-Eskom ukuze ufake ugesi. Ukuze lesi siteshi esingumahambanendlwana siqale ukusebenza." UZondi uthe ufuna sibe namaphoyisa azosebenza ubusuku nemini ukuqapha ubugebengu, ikakhulukazi obuqondene nemboni yamatekisi.
"Lokhu kungalekelela ekwehliseni izinga lobugebengu, ikakhulukazi obuthinta imboni yamatekisi."
Uthe kubuye kwamphatha kabi ukuzwa izindaba zokuthi kunosomatekisi obesebenzisana nabakwaSwayimani obulewe ngoLwesithathu.
UNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe umasipala wabathinta bangenelela ekufeni kosomatekisi futhi uthe ukujabulele ukuzwa kuthiwa sekudambile.
"Kuchaza ukuthi umsebenzi esiwenzayo uyabonakala ngoba bakhona nasebeboshiwe." Uthe bazozama ukuvula isiteshi esingumahambanendlwana ukuze kuphele ukuba ikwamachangca, kwampunzedlemini ezigebengwini. UZondi, ephelezelwa wuNkk N.I.Vilakazi nekhansela laku-ward 11, uMnuz Mthokozisi, bavakashele iDisability Skills Centre eseMabheleni nasekhaya labadala eliseGujini, kwaSwayimani, bebeqiqinge izipho ezihlukahlukene.