UNGQONGQOSHE kagesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi bakwazile ukwehlisa ukunqamuka kukagesi ngamahora awu-600 kulezi zinyanga eziwu-12 ezidlule.
URamokgopa uthe ngo-2022 ugesi wanqamuka amahora awu-1 800 kodwa ngonyaka odlule unqamuke amahora awu-1 200.
“Sisebenza ngokuzikhandla ukuqeda inkinga yokunqamuka kukagesi. Okwenzeke ngesonto eledlule lapho kuye kwabuya ukunqamuka kukagesi ngesigaba sesihlanu kube yiphutha. Kufe imishini emihlanu eKendal. Okuhle wukuthi lizoshona elanamhlanje isisebenza emithathu,” kusho uRamokgopa.
Uthe banezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda yokuthumela ugesi kubantu.
“Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yokuthumela ugesi kuzodla uR400 billion. Le ngqalasizinda ngingayifanisa nemigwaqo okuhamba kuyo izimoto ngoba nayo ihambisa ugesi. Simatasa nokulungisa izinhlelo zethu zokuthi le ngqalasizinda izokwakhiwa kanjani, sizosebenzisana nobani, imisebenzi ezodaleka nokunye okuningi. Sizokwazi ukuyithola imali ngeke kube yinkinga futhi ngeke sidinge usizo lukahulumeni,” kusho uRamokgopa.
Uveze ukuthi ugesi ongekho ngenxa yokuthi kulungiswa imishini usuke ku-17 000MW waya ku-14 000MW.
Lokhu uthe kubanika isikhathi sokuba balungise imishini yabo njengoba befuna kuthi kushaya ubusika ugesi ongekho ngenxa yemishini efile ube usuwu-5 000MW.
Ubalule ukuthi bafuna ngoMashi umehluko ube usubonakala ezinhlelweni zokulungiswa kwemishini.
Uthe ngoMashi isikhulu esisha esiphezulu sase-Eskom, uMnuz Dan Marokane sizoqala umsebenzi waso.
URamokgopa ubuye wacacisa ukuthi izindaba ezithinta amasheya, ezokuphatha nokunye zikhulunywa wuNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni. Wathi yena umatasa nokuqeda inkinga yokunqamuka kukagesi.
Isazi sezamandla, uDkt Mohamed Madhi, sithe umnotho waseNingizimu Afrika ngeke ukhule uma kusanqamuka ugesi ezweni.
UMadhi ekhuluma kuNewzroom Afrika, uthe kufanele izinhlelo zokusabalalisa ugesi zisheshe, zibhekelele inhlakalahle yabantu bakuleli nesimo sesikweletu sezwe.
Uphethe ngokuthi ukuphehla ugesi ohlanzekile kufanele kudale amathuba omsebenzi futhi kukhulise umnotho wezwe.