INHLANGANO yabantu abasha abangasebenzi iyakuchitha ukuthi sehlile isibalo sabangasebenzi abaneminyaka ewu-15 kuya ku-34.
Izolo iStatsSA imemezele ukuthi isibalo sabantu abaneminyaka ewu-15 kuya ku-34 abangasebenzi sehle ngo-174 00 saba ngu-4.6 million.
Kuvele ukuthi abawu-237 000 bathole imisebenzi okusho ukuthi isibalo sabantu abasha abaqashiwe sinyuke saba wu-6.0 million.
UMnuz Nkululeko Ndlovu we-Unemployed Graduates Movement, uthe abahambisani nalezi zibalo ngoba baningi kakhulu abantu abasha abahleli emakhaya ngoba beswele imisebenzi.
“IStatsSA ayibali kahle izigidi ngezigidi zabantu abasha abasahleli emakhaya, beswele imisebenzi. Akusilo iqiniso ukuthi sehlile isibalo sabantu abasha abangasebenzi. Okubuhlungu wukuthi nohulumeni akanawo amacebo okudala imisebenzi njengoba ekhala ngokuthi akanamali. Kuyimanje usekhiphe umyalelo wokuthi akungaqashwa abantu abasha eminyangweni ehlukene,” kusho uNdlovu.
Uthe abantu abasha abanezinkontileka eminyangweni kahulumeni sebezohlala emakhaya njengoba uhulumeni engeke abaqashe ngokugcwele ngenxa yakho ukuthi akanamali.
Uzwakalise ukuthi uhulumeni akabakhathalele abantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi abasha ngoba yibona abaswele kakhulu imisebenzi.
IStatsSA iveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika yonkana sehle njengoba abawu-399 000 bethole umsebenzi ngekota yesithathu ka-2023, okusho ukuthi abaqashiwe sebemi ku-16.7 million.
Abaswele umsebenzi bawu-7.8 million.
Iminyango ekwazile ukuqasha abantu owezezimali oqashe abawu-237 000, owezokuThuthukiswa koMphakathi oqashe abawu-119 000, owezoLimo oqashe abawu-61 000.
Imikhakha ehlise abasebenzi owezokukhiqiza odilize abawu-50 000, owezezimayini abawu-35 000, owezokuthutha abawu-20 000 nabasebenzela umasipala kwezamanzi nogesi abawu-16 000.
Abantu abaqashwe KwaZulu-Natal abawu-152 000, eLimpopo 70 000, eNorth West 61 000, eMpumalanga 44 000 kanti kwezinye izifundazwe akuzange kuqashwe abaningi.
Sinye isifundazwe esilahlekelwe amathuba omsebenzi okuyi-Free State edilize abantu abawu-3 000.