ZIJIKA nelanga izingane zaseMphendle, eMlalazi njengoba zingayile esikoleni ngenxa yamabhubesi okuthiwa abonakale kule ndawo.
Ikhansela lendawo uMnuz Bhekezakhe Makhathini ukhulume neSolezwe ehambisana nethimba lezeMvelo KZN Wildlife bethungatha amabhubesi.
Uthe izingane aziyanga ezikoleni izolo njengoba bekuvulwa ngoba ziyasaba ukuthi zizothi zisahamba zinqwamane namabhubesi.
“Umphakathi uyasaba ukuhamba ngenxa yokuthi amabhubesi asebulale imbuzi nenkomo. Kuyimanje simatasa nethimba lezeMvelo KZN Wildlife sibheka amabhubesi abulale imfuyo. Sihamba singamadoda endawo ngoba sikhathazekile ngalesi simo njengoba izingane zingasayi nasesikoleni,” kusho uMakhathini.
Uthe ithimba lizoqhubeka nokuthungatha amabhubesi kusasa.
UNkk Nonhlanhla Jele obhekele ezokuxhumana kuMasipala waseMlalazi, uthe umphakathi uthukile, usaba ngisho ukuhamba emgwaqweni ngenxa yalama bhubesi.
Ucele abezeMvelo KZN Wildlife ukuthi baphuthumise uhlelo lokuthungatha amabhubesi ukuze bakwazi ukukhipha umbiko ozoveza ukuthi kuphephile noma akuphephile kule ndawo.
UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe batshale amathimba abo eMphendle ukuze ayothungatha amabhubesi okuthiwa abonakale kuleya ndawo.
Uveze ukuthi amathimba abo awazibonanga izidladla zamabhubesi noma indle yawo njengoba evamise ukuzikhulula uma eqeda ukudla.
Ebuzwa ukuthi ngabe sikhona yini isiqiwi esinamabhubesi eMphendle, uthe isiqiwi esinamabhubesi yiHluhluwe iMfolozi Park.
Uthe amathimba abo azoqhubeka nokuthungatha ngalapho kuthiwa amabhubesi abonakale ngakhona.
Ucele umphakathi ukuthi uma usola ukuthi isilwane sidliwe amabhubesi noma ezinye izilwane zasendle, ungasisusi lapho sisuke silele khona.
Uthe lokhu kubalulekile ngoba amathimba abo abheka izinto ezihlukene njengendlela isilwane esilunywe ngayo, izidladla ezisalele phansi lapho kungenzeka ukuthi bekuhamba khona isilwane sasendle nokunye okuningi.