NGESIKHATHI iningi labantu ligcwele ezitolo zegilosa likhithizela imindeni izibiliboco zikaKhisimusi, abanye abazali bagcwele ezitolo ezidayisa imifaniswano yezikole.
Bukugcwele kuphuphuma izolo esitolo esidayisa imifaniswano yezikole ezihlukene, iGem Schoolwear, kunolayini obekumele uwubambe ngaphambi kokungena phakathi.
UNkk Londi Mkhize waseMbumbulu, ongunina kaNdalwenhle Mkhize oyofunda uGrade R, eSibukaye Primary, uthe uthenga umfaniswano kuqala ukuze abone ukuthi kusala malini bese ethenga izinto zokuzijabulisa.
"Ngiyaqala ukuba nengane efundayo, bengingazi nokuthi umfaniswano ubiza kanjani bengingafuni ukuqala ngezinye izinto bese kusala imali engingazi noma izokwenela yini. Ngithenge wonke umfaniswano ngisho ijezi ne-track suit," kusho uNkk Mkhize.
Sekuyinjwayelo ukuthenga umfaniswano ngoDisemba, kuNkk Busisiwe Msomi waseNanda, ongunina kaSiphelele Msomi oyofunda uGrade 9, eJG Zuma High ekwaBester, KwaMashu. Uthe yonke iminyaka umfaniswano wesikole nezincwadi uwuthenga ngoDisemba.
"Izinto zami ngizihlela ngononina unyaka usaqala ngibeke imali. Ngemali engisuke ngiyibekile ngiqala ngokuthenga umfaniswano wesikole, nezincwadi ezingatholakali esikoleni, amakhava nazo zonke izidingo zokufunda kwengane yami bese ngithenga izinto zikaKhisimusi.
“Kulo nyaka kubaluleke kakhulu ukuthi ngingalenzi iphutha lokuqala ngezinye izinto ngoba izinto zenyukile, kungenzeka ukuthi imali obuwazi ukuthi iyenela ingaseneli," kusho uNkk Msomi.
UNkk Doris Mdunge, onguninakhulu ka-Ayanda Mdunge oyofunda uGrade 8 eSibusisiwe Comprehensive Technical High, uthe izinto ezimnandi kuba ngezokugcina ukuthengwa kwakhe. Uqala ngomfaniswano nezinsiza zesikole zomzukulu wakhe u-Ayanda ngoba nguyena yedwa ofundayo abanye basebancane.
"Akufuneki ukuthi ulinde kuze kube nesiminyaminya, ufike kwaGem ulayini usuyintambo sengathi ubungazi ukuthi ingane izodinga umfaniswano," kweluleka uNkk Mdunge.
Imenenja yakwaGem Schoolwear, uMnuz Muhamed Pandor, ithe sesiqalile ukugcwala isitolo.
"Abazali abaningi baqale ukufika ngomhla ka-15 sebeholile. Kuyasijabulisa ukuthi abazali basheshe bafike ukuze kunciphe olayini abade uma sekuzovulwa izikole."
Uthe bazovula nangeSonto ngoJanuwari wonke, ngaphandle komhla ka1.