ESIKHATHINI lapho kwabanye imithwalo isisobhokweni bebheke emakhaya ukuyovakashela imindeni yabo abangahlali nayo, abanye basebenzisa lesi sikhathi ukuzishaywa wumoya emadolobheni nokuthenga izinto ezimnandi, ukuhlomela uKhisimusi noNcibijane.
UMnuz Mnqobi Zungu waseMlaza, eningizimu yeTheku kodwa ohlala eGoli ngokusebenza, usebenzise lesi sikhathi ukushaywa wumoya nendodana yakhe uSiphosokunqoba (7), ikakhulu ngoba isikhathi esiningi engabi khona eduze kwayo ngenxa yomsebenzi.
“Ngibone kukuhle ukuthi ngithathe umfana wami ngize naye la eSuncoast Casino, eThekwini, ukuzoshaywa wumoya sithenge nezinto ezimnandi zikaKhisimusi ngoba angihlali naye ngenxa yokuxinwa wumsebenzi eGoli.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi konke engikuhlele ukukwenza ngoKhisimusi ukuzijabulisa nendodana yami nomndeni wami engingahlali nabo, kumi ngomumo. Sengiwahlomele ngokuphelele amaholidi kaKhisimusi” kusho uZungu.
UNksz Thalete Sibiya waseShowe, uthe ngenxa yokuthi akazukuya emakhaya kula maholidi ngoba uyasebenza, uzozithengela ukudla nezibiliboco ukuhlomela uKhisimusi.
“Namhlanje nje ngizothenga ukudla nezibiliboco kwezingane, esizobe sizibusisa ngakho ngoKhisimusi nomndeni wami oseMayville, eThekwini,” kusho uNksz Sibiya.