UMDIDIYELI kazwelonke weqembu elisha uMkhonto weSizwe nokunguyena owalibhalisa, uMnuz Jabulani Sibongiseni Khumalo, uthe abantu bazobona isekisi ngoba bazonqoba ukhetho ngenkindlane yamavoti.
Iqembu uMkhonto weSizwe lethulwe owayengumengameli uJacob Zuma, ngasekupheleni konyaka odlule eSoweto. UZuma akazange ashone ezintangeni, walibeka ngembaba elokuthi ngeke asakhankasela aphinde avotele uKhongolose.
Emuva kwesimemezelo sikaZuma, kudilike umthangala abantu bejoyina ubuthaphuthaphu. Lolu daba lweqembu likaZuma namanje kusaphuzwa ngalo itiye kanti nabaxokozela ematshwaleni bakhuluma ngalo.
Kumanje uZuma umatasa unxenxa abantu ukuthi beseke uMkhonto weSizwe bafulathele i-ANC athi akuseyona le ababeyijoyine ekuqaleni.
Isolezwe libe nengxoxo ekhethekile noKhumalo, ophambili eqenjini uMkhonto weSizwe. Ubezwakala ukuthi umatasa lapho akhona wumshawushile ibhodwe lasehhotela.
UKhumalo uthe usemdala kakhulu emzabalazweni wenkululeko futhi wayeyingxenye yombutho wezempi uMkhonto weSizwe ekuqaleni.
‘’ Ngiyilungu le-ANC noMkhonto weSizwe elidala kodwa kucacile manje ukuthi i-ANC akuseyona le esasiyijoyine ekuqaleni. I-ANC yamanje eyabantu abasebenzisa imali ukungena ezikhundleni, eyabantu abasebenzela izisu zabo. Manje sizonqoba ukhetho kuqala bese sibuya silungisa kahle ekhaya elikhulu,’’ kusho uKhumalo obezwakala ezethemba ngakushoyo.
Uthe bazomemezela uma sebebheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi. UKhumalo ebuzwa ngomuntu abazofolosa ngaye okhethweni uthe basafihle induku emqubeni ngalokho.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sihlasela ngoqweqwe lomholi okhaliphe kakhulu esingamngabazi futhi sizonqoba ukhetho kahle nje ngeke sihambe sihlangana namanye amaqembu. Uma siqeda lapho siyaqala silungisa i-ANC ngoba asishiyile kuyona,’’ kusho uKhumalo.
Uthe abakabi nalo uhlaka lobuholi basebenza ngokubambisana nje bebonke kuze kube bayakhetha ngokusemthethweni. Uthe okumangazayo wukuthi bona babizwa nxazonke zezwe abantu bayazifunela bona uMkhonto weSizwe.
Uphawulile nangenselelo yezomthetho abayiphonselwe yi-ANC ngegama uMkhonto weSizwe. Uthe akudikizi ngisho inqulu kubona ngalolo daba.
“Abantu abahlale phansi baphuze ikhofi akukho okonakele, uMbalula yingane nje engazi ukuthi yenzani. Inkinga bangena ezikhundleni ngendlela engafanele bengakulungele yikho benza yonke le nto,’’ kusho uKhumalo.