UKUKHOTHAMA kweNgonyama yamaZulu, uZwelithini kaBhekuzulu kwenze abanye babona limfiliba ikusasa likaMnuz Ishwar Ramlutchman ongowokuqala ukuba yilungu lamabutho aKwaZulu engowomdabu waseNdiya. U-Ishwar waziwa ngoMabheka Zulu endlunkulu.
Umthombo ongaphakathi endlunkulu uthe njengoba iNgonyama ikhotheme inhlanzi ishelwe ngamanzi ku-Ishwar.
“Akukaze kwenzeke nasemlandweni ukuthi umuntu wolunye uhlanga abizwe ngomZulu. Abantu bangazigqaja ngokuba ngabaseNingizimu Afrika kodwa ngeke ukhulume kume ngokuba wumZulu ungeyena ngoba akuyona into okwazi ukuzenzela yona kodwa uzalwa kuyona. Kumanje akukho okuzoqhubeka ngaye nendlunkulu, kuyaphela njengoba ingasekho iNgonyama,” kusho umthombo.
Ethintwa u-Ishwar uvele wahleka, wathi kunabantu abanomona ngoba iNgonyama ize yakhothama bengakwazi ukusondela kuyona kodwa yena ubehlala nayo axoxe nezinto ezibalulekile.
“Usemningi kabi umsebenzi ongihlalele endlunkulu. Ngiqale ukwazana neSilo ngiseneminyaka engu-11. Ngabuthwa yisona, ngangena ngaphansi kwebutho iZinyosi. Saze sangetha negama lakwaZulu, sanginika nesibongo saso njengoba nginguMabheka Zulu. ISilo singubaba wami. Manje angazi ukuthi ungamshiya kanjani ubaba wakho. Kumanje nginendawo engayabelwa yiSilo oSuthu, ngaze ngakha nomuzi wami khona, okusho ukuthi kwaZulu yisekhaya lami. Miningi imisebenzi esiyenze neSilo okusamele ngiqhubeke nayo. Ukukhothama kwaso akusho ukuthi sekumele ngiyeke imisebenzi kababa. NgoDisemba nje besiyovula imizi emibili eyakhiwe yimina neSilo eMlalazi. Konke lokho abantu abakwazi. Siphinde sisize abantu abahluphekile, sibaphe ukudla. Lokho yinto esingavamisile ukuyigqamisa ngoba besingafuni ukuzigqamisa ngokusiza abanye abantu," kusho u-Ishwar.
Uthe njengoba iNgonyama ikhotheme uzokwakha nesichuse sayo ngenhloso yokuyihlonipha futhi miningi neminye imisebenzi esamhlalele okumele ayenze endlunkulu.
“Omunye umsebenzi omkhulu engiwenza endlunkulu wukwenza isiqiniseko sokuthi ngifundisa abaseNdiya ngempilo yamaZulu. Yingakho bekuba nemigubho yabaseNdiya ebiyenzelwa endlunkulu, okuyinto esaqhubeka yenzeke. ISilo besikukhathalele ukuhlanganisa izinhlanga ezehlukene, okuyilapho mina ebengingena khona ukufeza lesi sifiso saso,” kuqhuba yena.
Kuthintwa uMntwana uMbonisi Zulu ngalolu daba ukhale ngokuthi indlunkulu isesemanzini.
“Baningi abantu abebesebenzisana neSilo, engeke sikwazi ukukhuluma ngabo njengamanje njengoba sisemanzini. Kulukhuni nokuthi singaphuma iqhubu no-Ishwar kubantu abangaka abebesebenzisana neSilo. Isigcino uma singakhuluma lokho manje kwamina ningagcina senibuza ukuthi ngisazoqhubeka yini nokwenza umsebenzi wasendlunkulu ngoba nami ngingomunye osebenze naso,” kusho uMntwana uMbonisi.