UMNDENI womsakazi woKhozi FM oshone entathakusa izolo, u-Irvin “DJ Amen” Sihlophe (42), uthe lo msakazi uhambe emhlabeni ebalisa ngokudlalelwa izingoma zakwaSizabantu, ecela nomkhuleko.
KwaSizabantu Mission yilapho ake asebenza khona esemsakazweni iRadio Khwezi.
Umshana kaSihlophe, uNsindiso Sihlophe, uthe noma kubuhlungu ukushona kwakhe kodwa ubenze bakulungela ukuhamba kwakhe emhlabeni.
“Kuleli sonto esesibhedlela ubecela wonke umuntu ozombona ukuthi amkhulekise. Kunezikhathi lapho ebesifike sikhuleke naye singumndeni sihlangene. Okunye abengaphazami ukukucela uma uzombona ukuthi umdlalele izingoma zakwaSizabantu. Indlela abesekhuluma ngayo ngoNkulunkulu yenze sabona ukuthi usesondelene kakhulu nezulu futhi kunezinto aziqonda kangcono thina ebengeke siziqonde,” kusho uNsindiso.
Uqhube wathi ngesikhathi esanda kungeniswa esibhedlela ehlaselwe yisifo sohlangothi ngoLwesihlanu olwedlule, isimo besisibi kakhulu. Emva kwesikhashana uthe uphinde waba wumuntu obebukeka eba ngcono futhi esekwazi nokuxoxa.
“Isimo sakhe sishintshe ngoLwesine. Bengisendleleni ngiyombona esibhedlela ngesikhathi sezivakashi ngo-2 emini. Ngithole ucingo oluvela esibhedlela bengitshela ukuthi ngaphambi kokuba ngingene ewadini lapho abekhona, bacela ngiqale ngibonane nodokotela wakhe ukuze angichazele ngesimo sempilo yakhe. Uma ngifika udokotela ungitshele ukuthi isimo sakhe sesisibi kakhulu futhi sebezame konke ukumsiza. Bathe abangaseluleka ngakho ukuthi sihlale emkhulekweni ngoba akusekho abangakwenzile ukumsiza kodwa isimo siyaqhubeka siba sibi,” usho kanje.
Uthe uphindele ekhaya balinda okuzoshiwo yisibhedlela ngoba besekucacile ukuthi sekungenzeka noma yini.
USihlophe udabuka eKhwezi, eHarding, kodwa ubenomuzi eMorningside, eThekwini. Emhlabeni ushiye odadewabo ababili abadala kunaye, okunguJabulile noThembani. Kwabo kuthiwa nguyena obengumagcino futhi bese kunguyena kuphela umfana njengoba abafowabo abadala kuthiwa sebashona bonke. Nabazali bakhe sebashona.
Ubeseneminyaka engu-15 esemsakazweni Ukhozi FM. Phambilini wayethula uhlelo lwezenkolo, UNkulunkulu Nomuntu Omusha. Muva nje ubenguphrojusa nomsakazi wezemidlalo. Uke wasebenza nasezinhlelweni zezemfundo khona emsakazweni Ukhozi FM.
Umphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, umemezele emsakazweni ekuseni ngokudlula kwakhe emhlabeni, wathi bebenethemba lokuthi uzolulama aphume esibhedlela. Uncome ukuzinikela kwakhe emsebenzini njengoba eveze ukuthi awukho abewunqaba uma kuthiwa akawenze. Ngokunjalo nabasakazi uthe akekho asake wamuzwa ekhuluma kabi ngaye njengoba ubekwazi ukusebenzisana kahle nawo wonke umuntu.