SEKUQUBUKE izinsolo zokweba imali yokuvota ezibhekiswe kumphathi wesiteshi Ukhozi FM, usolwa ngu-Owen Ndlovu weMichael Owen Production, ngokuthi wayithatha kungafanele ngo-2017.
U-Owen usola uSbongi Ngcobo, ngokweba imali yokuvota okwakumele ize kuye (u-Owen) ngo-2017. Uthi ngemva kokusayina isivumelwano neSABC ngo-2016, seSABC Summer Song, kwqba nokuphazamiseka ngo-2017 ngenxa yophenyo lweSABC.
“Isivumelwano esasinaso neSABC sasihlanganisa yonke imisakazo engu-18 yakwaSABC. NgoJuni 2017 iSABC yaqala uphenyo ngezinkontileka eyayinazo kwathinteka neyami okwenza ngingakwazi ukuqhubeka nesasivumelene ngakho kuze kube kuphela uphenyo.
“Indaba yaze yaxazululeka ngoNovemba ngawo u-2017. ISABC yayalela ukuthi ngiqhubeke neSABC Summer Song kodwa ngakhala ngokuthi isikhathi sesincane ukuyimaketha. Savumelana ngokuthi ingaqhubeki ngo-2017, iSABC yathatha isinqumo sokuthi izokwengeza unyaka esivumelwaneni esasinaso ngoba sekuphazamiseke u-2017.
“Ngenxa yokuthi kwakunalesi sivumelwano awukho umsakazo wakwaSABC, owawuvumelekile ukuthi uqhubeke nomncintiswano. Kwaba uSbongi Ngcobo woKhozi FM kuphela, owaqhubeka nawo wavula omunye ulayini wokuvota njengoba kwakusetshenziswa 33175, yena wavula u-45926, okwakuyinto engekho emthethweni ngoba kwase kunenkontileka enganginayo neSABC,” kuchaza u-Owen.
U-Owen usola uSbongi ngokuthi wenza imali engaphezu kukaR500 000 ngokuvota kwabantu ngo-2017. Uthi wenze yonke imizamo yokuthi axhumane noSbongi, ukuze ezwe ngale mali ukuthi wayenzani kodwa yonke imizamo yakhe ihlulekile. Uthe kumanje yena nomkakhe bahamba udokotela ngoba kuvele ukuthi banokhwantalala abathi ludalwe wukukhathazeka ngale mali yabo.
Kuthintwa uSbongi ngalezi zinsolo uthe ucela kuthintwe iSABC njengoba kuyiyona ephendulayo.
I-Group Executive for Corporate Affairs and Marketing kwaSABC, uGugu Ntuli, ithe inkontileka phakathi kuka-Owen neSABC yaphela ngo-2018.
“Umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka oweminyaka yonke yoKhozi FM. UKhozi FM lwasebenzisa iSABC Mobile SMS Lines ukuvota. Asinalo ulwazi lwalezi zinsolo zika-Owen Ndlovu, ezibhekiswe kuSbongi Ngcobo ngoba asikakaziswa ngazo. Uma kunecala elibhekiswe kumsebenzi wakwaSABC, akhona amaphoyisa okuyiwona azophenya ngalo,” kusho uGugu.
Isolezwe ngeSonto linayo ikhophi yenkontileka ephakathi kuka-Owen Ndlovu neSABC eyasayinwa ngo-2016 nekhomba ukuthi yaphela ngoMashi 2019.
Khonamanjalo sekuqubuke omunye umsindo ekhasini loKhozi FM leFacebook ngemva kokubonakala kukaDJ Hlo kuleli sonto ekwi-UNPLUGGED, ohlelweni lukaDudu Khoza. Abantu basola ukuthi Ukhozi selufuna ukubaphinda ngoDJ Hlo njengoba ehlukanise unyaka nyakenye ngengoma Isibani, abathi abayazi.