Amaphoyisa abophe owesifazane ngezinsolo zokuthi ugwaze wabulala isoka lakhe maqede wafonela unina walo eLimpopo ngoLwesihlanu.
Lesi sigameko okufe kuso uMnuz Tumelu Makwala (34) kuthiwa senzeke eBolobedu ngabo-8 ebusuku.
Ngokombiko wamaphoyisa, umsolwa ushayele unina wesoka emtshela ukuthi ukujikijelana ngamazwi phakathi kwakhe nendodana yakhe kushube kwaphetha ngokuthi ayigwaze ngommese.
Kuthiwa ngesikhathi unina efika lapho bekuhlala khona umgilwa, umfice opha egunjini lakhe lolala wabe eseshayela abezimo eziphuthumayo. Bafike bathi usethule.
Kuvulwe icala lokubulala umsolwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseKgapane maduze ebhekene necala lokubulala.
Umkhuzi wamaphoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe usigxekile lesi sigameko. Unxuse izithandani ezinezinkinga ukuthi zifune usizo kunokusebenzisa udlame.
Kwesinye isigameko, kusolwa isoka abesehlukene nalo esigamekweni sokugwazwa kubulawe owesifazane (28) esifundeni iWaterberg eLimpopo ezintatha ngoMgqibelo.
Kuthiwa lona wesifazane ubebuya endaweni yokucima ukoma ngo-1 ekuseni ngesikhathi ehlaselwa ngowayeyisoka lakhe omgwaze amanxeba amaningi ngaphambi kokuphela emoyeni. Owesifazane ufele emtholampilo oseduze abephuthunyiswe kuwo.