UMHOLI weMK oyikhansela kuMasipala waseThekwini, uMnuz Visvin Reddy uthweswe icala lokuphehla udlame emva kwenkulumo yakhe esabisa ngokuthi kuzokuba nodungunyane uma kukhishwa iMK ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.
UReddy uvele eNkantolo yeMantshi eChatsworth ngoLwesithathu lapho ebekwe khona icala ngaphansi komthetho olawula ukuhlangana kwabantu, iRiotous Assemblies Act.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthe icala likaReddy lihlehliselwe uJune 14 kanti selizoqulwa eNkantolo yesifunda eThekwini.”
UReddy uyilungu eliqavile leMK, uvela ohlwini lwamalungu alenhlangano aya ePhalamende emva kokhetho oluzayo. Izolo ubonakale engathukile ngaphandle kwenkantolo.
Utshele amalungu eMK abezomeseka ngaphandle kwenkantolo ukuthi lelizwe alikayitholi inkululeko, wathi iyotholakala mhla iMK yanqoba ukhetho.
“I-ANC kaRamaphosa (Mengameli, uCyril) ihlezi ifuna sigubhe usuku lwenkululeko ngo-Ephreli 27.
“U-Ephreli 27 akusilo usuku lwenkululeko. Usuku lwenkululeko kuzokuba uMeyi 29, lapho iMK iyonqoba ukhetho ngamalengiso,” kusho uReddy.
UReddy wazifaka otakwini ngokusongela izinkantolo nenhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
UReddy ekhuluma emcimbini weMK, wathi kuzokuba nodlame uma izinkantolo zithatha izinqumo ezinqinda amandla leli qembu elikhankaselwa owayenguMengameli uJacob Zuma.
Inkulumo yakhe wayenza ngenyanga eyedlule ngaphambi kokuthi kulalelwe amacala amabili lapho i-ANC imangalele kuwo iMK.
Icala lokuqala lalalelwa eNkantolo yezoKhetho, lapho i-ANC yayifuna ukuthi iMK ikhishwe ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho.
Isicelo se-ANC sachithwa. Icala lesibili lalilalelwe eNkantolo eNkulu eThekwini, lapho i-ANC yayisola iMK ngokuntshontsha igama nophawu lombutho wezempi owahlakazwa, uMkhonto weSizwe.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uReddy uzwakala ethi kuzosuka izibhelu uma kukhishwa iMK ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.
“Siyazi ukuthi izinkantolo zichemile. Uma kuvinjwa iMK, kuzosuka udungunyane kuleli zwe. Kuzokuba nemibhikisho engakaze ibonwe.
“Kwalona ukhetho lolo ngeke lube khona. Akekho umuntu waseNingizimu Afrika ozovota iMK ingekho okhethweni,” kusho uReddy,
Uphinde wasabisa ngodlame uma kukhishwa igama likaZuma ohliwni lwabangenele ukhetho.
UZuma uvele usekhishiwe ohlwini, kepha usiphonsela inselelo lesinqumo.