OWAYEYILUNGU lebhodi leSouth African Airways (SAA) uNksz Yakhe Kwinana (60) ubhekene nengwadla yomthetho ngoba iNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, isichithile isicelo sakhe sokubuyekeza isinqumo esibalulekile esathathwa yiSouth African Institute of Chartered Accountants (SAICA) sokuba akhishwe ohlwini lwama-Charted Accountant kuleli.
I-Saica iyinhlangano emele izingcweti kwezezimali nokugcina isithunzi salo msebenzi inqume ukuthi akafanelekile ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wobungcweti.
Emaphepheni asenkantolo, iSaica ithe ngemuva kokukhishwa kwezijeziso, uKwinana akazange akuphikise okwatholwa yinhlangano ngenxa yokuthi yena nommeli wakhe baphuma esigcawini sokuqondisa ubugwegwe ngosuku lokuqala bangabe besabuya.
Nokho uvumile ukuthi uyitholile i-email emazisa ngesinqumo seSAICA wathi lolu daba uzolulwa enkantolo.
Ngesikhathi likhipha isinqumo, iJaji u-Elmien du Plessis lithe uKwinana ubukela phansi isikhundla sakhe ngokukhetha ukushiya esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe.
"Leyo bekuyinkundla efanele yokuphikisa ubufakazi beSaica kanye nezethulo zayo. Ngokungabambeki kwakhe, ikomiti lasala nobufakazi obuphathekayo futhi obungazange buphikiswe muntu ngemuva kokushiya kwakhe isigcawu," kusho ijaji uDu Plessis.
ISaica ibe isikhipha isimemezelo sokuthi izoqala ngezinyathelo zokuqoqa imali engu-R6.1 million yenhlawulo kuKwinana, ngaphezu kwezindleko zecala uKwinana ayalelwe ukuba azikhokhe.
Okunye okubhebhethekisa izinkinga zakhe zomthetho, uKwinana uboshwe ngoLwesithathu ngamacala abucayi amaningi, okubalwa awokuqola nokucekela phansi impahla.
Sekuqubuke izinsolo ezithi uKwinana wadala udlame emiphakathini yase-East London, okubikwa ukuthi ubeqola imali ephelezelwa iqulu elihlomile wakhipha nomyalelo wokuthi akubhidlizwe imizi yezisulu zakhe
Amaphoyisa abophe uKwinana eMidrand, eGauteng, kulandela uphenyo olunzulu.
Ngesikhathi evele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesithathu, umshushisi uveze ukuthi icala lakhe lizodluliselwa e-Eastern Cape, lapho azovela khona ngoMashi 24, 2025.
Akukona okokuqala uKwinana ephambana nengalo yomthetho njengoba ngoNovemba 2024, wadedelwa ngebheyili ka-R20 000 ngamacala okukhwabanisa athinta ukusebenza kwakhe eSAA.