ISIPHINDE yadumelana impi yezomthetho phakathi kukaMntwana uMbonisi Zulu, neSilo uMisuzulu kaZwelithini. Sebefakane enkantolo bebanga udaba lokuqokwa kukandunankulu kaZulu, nebhodi leNgonyama Trust.
Isolezwe Ngempelasonto libone amaphepha kaMntwana uMbonisi, efaka isicelo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, sokuthi ilalele udaba ngokushesha. UMntwana waseKhwezi, kulolu daba uhlasela ngommeli u-Advocate Thabani Masuku SC, waseCape Town, obevame ukusebenza emacaleni kaMnuz Jacob Zuma, obengumengameli.
UMntwana uMbonisi uthe uma ethintwa wangakuphika ukuthi ufake amaphepha kodwa wathi konke kukummeli wakhe uMasuku, akukho azokusho kwabezindaba. Amaphepha aveza ukuthi uMntwana uMbonisi ufisa inkantolo ivimbe iSilo, ekutheni abize imihlangano namakhosi lapho kuxoxwa khona ngezindaba zobukhosi bukaZulu.
Ufisa kuvinjwe iSilo ukuthi sikhiphe imiyalelo ebhekiswe kuwona amakhosi kaZulu. Okunye okuvela wukuthi uMntwana ufisa inkantolo ivimbe iSilo ukuthi siqoke undunankulu kaZulu. Isikhala sikandunankulu kaZulu sivuleke emuva kokukhothama kwenkosi Mangosuthu Buthelezi, ebuse esikhundleni iminyaka engu-69. ISilo sisanda kumemezela ukuthi sizomqoka maduze undunankulu kaZulu uma sekwedlule isikhathi sokuzila.
UMntwana uMbonisi, ungumfowabo weSilo uZwelithini kaBhekuzulu, esabuza nesizala iSilo esibusayo manje. UMntwana ucele ukuthi inkantolo ichithe ukuqokwa kwebhodi Ingonyama Trust, nezinqumo zalo ngoba uthi akukho emthethweni.
UMntwana unxusa ukuthi kumiswe konke lokhu kuze kuphothulwe udaba lombango wesihlalo osenkantolo. Kulindeleke ukuthi udaba lungene emasontweni azayo ngo-Okthoba 16, eNkantolo eNkulu iNorth Gauteng.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Afrika wendlu yasoNkweni, uthe iSilo siyazi ngodaba futhi siyakuqonda ukuthi sinomthwalo wokuhlonipha isihlalo saso noma ngabe siyachukuluzwa.
“Udaba lusenkantolo futhi iNgonyama iyazihlonipha izinkantolo njengoba ihlala yenza. ISilo sinxusa amaZulu ukuthi athandaze ngamandla ngalesi sikhathi esifaka amahloni esizweni. INgonyama inxusa abaxovayo ukuthi bahloniphe undunankulu kaZulu okhotheme ngoba uma belokhu bedlala ngegama lakhe bayo bakhombisa ukungahloniphi ngoba uyingwevu esebenzele ubukhosi,’’ kusho uMntwana.