IMANTSHI ichaze uMuzikawukhulelwa Sibiya, osolwa kwelokufa kukaSenzo Meyiwa, njengoyingozi emphakathini futhi obukeka engenakho ukuzisola ngobugebengu abenza. Imantshi isho kanje igweba uSibiya ecaleni lezidakamizwa nezinhlamvu.
USibiya ungummangalewa wokuqala ecaleni lokufa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, owadutshulwa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
USibiya ubevele eNkantolo yeMantshi eThembisa kuphothulwa icala lokutholakala nezidakamziwa nezinhlamvu okungekho emthethweni. USibiya ulahlwe amacala ngoDisemba wonyaka odlule njengoba esegwetshwa nje kulo nyaka.
Walahlwa elokutholakala nezidakamziwa kodwa waphuma phambili kwelokuzishushumbisa wase elahlwa elezinhlamvu zesibhamu. USibiya ugwetshwe iminyaka eyishumi kanti isigwebo sakhe uzosidonsa kanye kanye nalesi avele esidonsa manje seminyaka engu-12 ngelinye icala.
Uvele udonsa isigwebo seminyaka engu-12 ngecala lokuzama ukubulala lapho okuthiwa waqhulula khona ngenhlamvu kwabesifazane besehostela.
Isigwebo sakhe sehlukene ngoba ugwetshwe iminyaka emihlanu kwelezidakamizwa wathola emihlanu kwelezinhlamvu. Kuphume umyalelo wokuthi akasenalo ilungelo lokuphatha isibhamu.
Imantshi ithe esikhathini esincane nje, uSibiya ukhombise ukuthi uyingozi emphakathini futhi uwumuntu ongenandaba nomthetho.
Ngaphandle kwaleli cala agwetshelwe lona, uSibiya kulindeleke ukuthi abuyele eNkantolo eNkulu ePitoli ngoMsombuluko ngecala lokufa kukaMeyiwa. Icala lokufa kukaMeyiwa laguqa ngoNovemba wonyaka odlule emuva kokuthi kugule ummeli u-Advocate Thulani Mngomezulu.
Ngesikhathi uMngomezulu ehlatshwa wukugula kwakulalelwe ubufakazi bomphenyi wecala uBrigadier Bongani Gininda. Kulindeleke ukuthi uGininda aqhubeke nobufakazi bakhe uma sekubuya icala. USibiya uboshwe namanye amadoda amane okulindeleke ukuthi avele nawo ngoMsombuluko.