OMAKOTI bebandla eliKhatholika iPietermaritzburg and Vulindlela Deanery esiFundabhishobhi saseThekwini bababonge besadla anhlamvana omamezala babo ngokuncela kogwansile kubona.
Bababonge ngezimfundiso ezahlukene abathi yizona ezidale ukuthi kube lula kubona ukuhlala emendweni. Babaphe nendathane yezipho bekhombisa ngazo uthando.
Labo makoti bebeyingxenye yeMisa elikhethekileyo ebelihlelelwe izalukazi eziseMhlanganweni ka-Anna oCwebileyo zasePietermaritzburg and Vulindlela Deanery ebelingeledlule eSt Mary’s Parish ebhekwe nguFata Thomas Zondi (OMI) edolobheni eMgungundlovu.
Beliholwa nguFata Nkosinathi Njokwe (OFM) ongumalusi olekelela eSt Immaculate Parish eyaziwa ngeKwaMadlala Mission e-Elandskop.
Umhlangano ka-Ana oCwebileyo ebandleni lamaRoma aKhatholika uqanjwe ngo-Anna onguninakhulu weNkosi uJesu Khristu.
Wumhlangano wabesifazane abaganile bodwa futhi ubalwa neminye yemihlangano ebalulekile kuleli bandla ohlonishwayo.
ISolezwe ngoMgqibelo litholile ukuthi njalo uma sekusondele uMkhosi wokukhuphukela onqamlezweni eNtshongweni, owandulela omkhulu wePhasika, baye bacele ukuba neMisa eliqondene nezalukazi ze-deanery yabo.
UDean ka-Anna oCwebileyo kwi-deanery, uNkk Philisiwe Ngubo uchaze iMisa ngokuthi libalulekile kakhulu kubona.
Uthe eMiseni yilapho abathola khona ingqayizivele yethuba lokudlulisa ukubonga kwabo komamezala babo.
“Kuba yiMisa elinesasasa ngoba nathi singomakoti yilapho sikwazi ukuthola ithuba lokubonga izimfundiso zomamezala bethu ezisenze sakwazi ukuphilisa imendo yethu nokulandela isakhiwo soMhlangano esawungenelayo,’’ usho kanjena.
UFata Njokwe uhole uhlelo lwezinxuso ecelela ukulala ngokuthula kwamalungu oMhlangano ka-Anna angasekho emhlabeni.
Ukhulekele ukuthi alale ngokuthula amalunga alo Mhlangano adlula emhlabeni ngesikhathi sokuvumbuka kokhuvethe i-covid 19.
IsiFundabhishobhi saseThekwini senganyelwe nguMbhishobhi Siegfried Mandla Jwara CMM.