ABESIFAZANE baseSarnia nasePinetown banetwetwe lokupheshukelwa abayeni babo njengoba le ndawo isiphenduke isizinda somahosha muva nje.
Kuthiwa omahosha baphithizela emini kabha kule ndawo. Abesifazane basaba ukuthi abayeni babo bangase bazitike ngomahosha bagcine sebekhohliwe yibona.
Laba baqwayizi batholakala behla benyuka ezimpambanweni zemigwaqo u-Underwood, Bartlett noForestgate.
Omunye wesifazane ongathandanga ukudalulwa uthe ngeke behlale bewaqaphile amadoda abo.
“Sazi ngani ukuthi awagcini esethenga? Noma kungathiwa awahambisani nabaqwayizi kodwa angagcina eselingeka. Bavele bahlale eceleni komgwaqo bagovozele abantu abadlulayo. Kusiphatha kabuhlungu lokhu ngoba bakwenza lokhu emini ka bha. Bazosonela indawo yethu, nezingane zigcina sezibuza ukuthi kungani kunabantu abahlala emigwaqweni begovozile,” kusho owesifazane.
Uthe sekukaningi bebika emaphoyiseni ngethemba lokuthi azokwazi ukubathusa baphume baphele endaweni yabo.
Omunye wesilisa ohlala kule ndawo naye ocele ukungavezwa ephephandabeni, ukuqinisekisile ukuthi naye uyathenga kulaba baqwayizi njengoba eveze wukuthi u -R50 umzuliswano no-R20 wendawo yokulala eseduze nale migwaqo abankanise kuyo. “Baningi, cishe bawu-50 noma ngaphezulu. Bayashintshana, abanye bafika ekuseni, abanye emini bese abanye bafike ntambama. Akubona abasendaweni,” kusho lo mlisa.
Isolezwe ngeSonto lihambele le ndawo ngoLwesithathu lafica ababili bemi emgwaqweni u-Underwood, oyedwa ubehleli ngaphansi kwesihlahla ekhoneni likaForestgate noBartlett.
Okhulumela amaphoyisa asePinetown, uWarrant Officer uMuzi Maphumulo, ukuqinisekisile ukuthi sekukaningi bebikelwa ngabaqwayizi kule ndawo.