USUKU okwethulwe ngalo iqembu elisha uMkhonto weSizwe (MK) Party, luqondane nosuku olwaba nzima emlandweni we-ANC ngesikhathi kuqembuka iCongress of The People (COPE). Owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, ngoMgqibelo, kaDisemba 16, wenze isimemezelo esishiye abaningi bekhexile.
Indida:
Nakuba uZuma ememezele iqembu kodwa ushiye abaningi nemibuzo uma ethi akashiyile kwi-ANC futhi uyoze afe eyilungu layo. Uthe kodwa lokhu akwenzayo ukwenzela ukulungisa i-ANC abona sengathi ibheke eweni. Lokhu kungadala ukuthi i-ANC ibambe iyeke ingazi izothini.
Kuyaqala ngqa emlandweni we-ANC ukuthi umengameli wayo nobengumengameli wezwe, aphumele obala athi akaseneme aze avule iqembu lakhe limelane noKhongolose. I-ANC iwumbutho omdala oneminyaka engu-111 wasungulwa futhi usubuse izwe iminyaka engu-30.
UZuma umemezele ukuthi ngeke ayikhankasele i-ANC futhi ngeke ayivotele okhethweni lukazwelonke ngonyaka zayo. Uthe uhamba nombutho omusha uMkhonto weSizwe kodwa akashiyile njengelungu likaKhongolose.
UZuma uhlale kwi-ANC iminyaka cishe engaphezu kuka-60, wayihola ezigabeni ezehlukene njengoba egcine esengumengameli wayo wase ejutshelwa kwesikamengameli wezwe. Ungomunye wosopolitiki abadumile nabanohlonze kuleli. Ukuqhamuka kwakhe neqembu elisha kwehlukanise imibono kubantu bakuleli.
Umlando omubi:
Abawukhumbulayo umlando bazofakaza ukuthi ngoDisemba 16, 2008, kwazalwa iCOPE eyayiphuma kuKhongolose. Kuchaza ukuthi kulo nyaka kuphela iminyaka engu-15 kwaqembuka iCOPE eyafika kwezwakala, yawathola futhi amavoti yaba nezihlalo ePhalamende.
Abasunguli beCOPE babengeneme ngokukhethwa kukaZuma njengomengameli wenhlangano engqungqutheleni eyayisePolokwane, eLimpopo ngo-2007.
UZuma waqumba phansi uMbeki owayefuna ukubuyela kwesikamengameli ihlandla lesithathu. Ababeseka uMbeki bathi bangamane bahambe kunokuthi baholwe wuZuma. Kwahamba isikhathi, kwavela ukuthi iCOPE ihlaselwe yizinkinga nemibango yezikhundla nayo yagcina yehlelwa amandla nokwesekwa.
Okunye okuqaphelekayo wukuthi umbutho omusha ohamba noZuma wethulwe ngosuku okwamenyezelwa ngalo umbutho we-ANC wezempi uMkhonto weSizwe (MK), ngoDisemba 16, eSharpvile, eGauteng. UZuma wethule umbutho wakhe eGauteng nokuyinto engase ichaze okuthile kwezepolitiki.
UMkhonto weSizwe kwakuwumbutho we-ANC wezempi owabunjwa wuMnuz Nelson Mandela ngo-1961, wahlakazwa ngo-1993. Lo mbutho waduma kakhulu futhi waba neqhaza elikhulu emzabalazweni wenkululeko.
Kuvela udaba lweqembu likaZuma nje, ingwevu uMnuz Mavuso Msimang kade isanda kumemezela ukuthi iyashiya kwi-ANC, ikhala ngenkohlakalo edla lubi nezinye izinkinga eziyixakile. UMsimang ubuye washintsha umqondo emuva kokubonisana nabaholi benhlangano.
I-ANC ayisheshanga ukuphendula into ecacile:
Nakuba uZuma esephumele obala kodwa i-ANC kuzwelonke ibingakaphumeli obala ngokuthi izizwa kanjani futhi zikhona yini izinyathelo ezomthathela zona. Ukungasheshi kwe-ANC ukuphendula kungase kusho lukhulu maqondana nokusinda kodaba ebhekene nalo.
UMengameli kaKhongolose, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukhulume wakha phezulu ebuzwa ngalolu daba. Ubezwakala ukuthi uzama ukuphawula ngobunono uRamaphosa.
“Siyazi ngesimemezeleo sikaZuma futhi besilalele sonke. Umuntu nomuntu unelungelo lokusho ukuthi uzovotela liphi iqembu futhi abeke nezizathu zakhe. Okwamanje yilokho nje esifisa ukukubeka ngalolu daba,’’ kusho uRamaphosa.
UKhongolose waseKZN uzilahle amathambo:
UZuma kuyaziwa ukuthi udabuka eNkandla, KwaZulu-Natal, nokwenza lesi sifundazwe kube yisizinda sakhe esikhulu nalapho anabalandeli khona abaningi. Nakuba ihhovisi le-ANC kuzwelonke belingakaphawuli ngokuphelele kodwa uKhongolose waseKZN uzilahle amathambo wabiza isithangami sabezindaba.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal ehambisana namadlelandawonye, ulibeke ngembaba elokuthi uZuma udivose umbutho wakhe.
‘’Uma uganiwe bese umkakho ethi usakuthanda kodwa usegane enye indoda, kuchaza ukuthi usekudivosile phela. Ngabe umosha isikhathi sakho nje ngoba usekubeke kwacaca ukuthi ukhetha yiphi indlela,’’ kusho uMtolo.
Uthe izingwevu nababengabaholi benhlangano bahlala beyigxeka, bekhala ngokuthi izinto azihambi kahle kodwa eyokuvula elinye iqembu iyethusa. UMtolo uthe isenzo sikaZuma sinokungaziphathi kahle futhi kufanele kuqondakale ukuthi umuntu uzijoyinela yena inhlangano eyedwa.
Isasasa kubantu ngeqembu likaZuma:
Ngemuva kokuthi uZuma ememezele uMkhonto weSizwe kucacile ukuthi kube nesinye isahluko kwezepolitiki ngoba kube nesasasa elikhulu. Leli qembu limemezele ukuthi selijoyinwe abantu abangaphezu kwesigidi emahoreni angu-24. Ezinkundleni zokuxhumana bekuchwaza inkundla, abantu bejabula.
Lokhu kudlondlobala kweqembu likaZuma akufanele kwethuse i-ANC kuphela kodwa namanye amaqemu ezepolitiki kufanele akhathazeke. Kubhekwe okhethweni, kungenzeka kuthuthe amalungu amanye amaqembu ajoyine kuZuma.
Indlela ebheke phambili:
Amehlo athe njo kwi-ANC njengoba kulindeleke ukuthi iveze ukuthi izimisele ukumisa kanjani ngodaba lukaZuma njengoma enze isimemezelo esinzima kangaka. Akwaziwa ukuthi i-ANC izomthathela ziphi izinyathelo uZuma njengoba esephumele obala ngeqembu.