LIZOQALA ukuqulwa ngo-Okthoba 21 nonyaka, icala likathisha waseMqhele Secondary obhekene namacala ayisikhombisa okudlwengula abafundi bamantombazane.
Lo thisha elingeke lidalulwe igama lakhe ubekade evele eNkantolo yesiFunda yasePinetown, izolo.
Kuvela ukuthi wadlwengula abafundi abathathu bamantombazane ngo-Ephreli wango-2020. Kuthiwa lokhu wayekwenza ngaphakathi emagcekeni esikole.
Umfundi ngamunye kwababili, kuthiwa wamphinda amahlandla amabili embizela egumbini lakhe lokufundisa.
Ngenyanga efanayo, ngawo loyo nyaka, wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba abafundi bebikele abazali.
Wathola ibheyili ka-R5 000. Kusukela lapho ubegqigqa kule nkantolo kodwa lingaqulwa icala ngenxa yezizathu ezahlukene. Esinye sazo kwakungukuthi abafundi bebengakwazi ukuza enkantolo ngoba bebefunda.
Izolo, imantshi uCele ikuqinisekisile ukuthi leli cala lizoqulwa ngo-Okthoba nonyaka, yathi okwamanje bazosebenzisa izinsuku ezimbili okuwu-Okthoba 21 no-23.
"Icala lakho lizoqala ukuqulwa ngo-Okthoba. Siyacela ube khona uma seliqala," isho kanje ibhekise kuthisha.
Ummeli kammangalelwa, u-Andile Thusi, uthe kuhle ukuthi leli cala selizoqala ukuqulwa ngemuva kokuba selibambezeleke isikhathi eside.
Izolo, abafundi okusolakala ukuthi wabadlwengula bebengabonwa nangalukhasha. Ngokujwayelekile bajwayele ukufika bephelezelwa ngabazali babo.
Ummangalelwa usamisiwe emsebenzini.