INKANTOLO eNkulu yaseMtubatuba igixabeze uLindokuhle Mhlongo (33) ngodilikajele ababili neminyaka emihlanu ngaphezulu emva kokumlahla ngecala lokubulala uZanokuhle Khumalo (7).
Lesi sehlo senzeka emzini obudebuduze nakubo kamufi eDumisani Makhaye, eMpangeni, ngoJulayi.
Isidumbu sikamufi satholwa sishuthekwe ngoplasitiki ngaphansi kombhede egumbini elaliqashwe uMhlongo kwamakhelwane kaZanokuhle.
Emva kwesehlo, uMhlongo wakhala wemuka, wabe esethumela umyalezo esihlotsheni salapho ayeqashe khona, ethi ingane abayibheke ngaphansi kombhede.
Kwavela ukuthi uyibulale ngoba yanqaba ukuthi ayidlwengule.
Ngosuku lwesigameko kwavela ukuthi umufi wayephume kubo ewumuntu oyodlala nokwathi uma esebhekwa, kwavela ukuthi umasitende kaMhlongo, wayekade emthume amaphilisi ezinhlungu esitolo.
Ezinsukwini ezimbalwa ezalandela olwesigameko, umphakathi owawudinwe ugane unwabu wangqongqisa umuzi kamasitende kaMhlongo.